Nakhu okuqhathe uHunt neChiefs yaze yaqoma ukumxosha

UGavin Hunt
UDABA: Impempe
ISITHOMBE: Twitter

Sesizule saze sazinqaka izizathu ezenze iKaizer Chiefs ivele idikibale kungalindele muntu qede imkhombe indlela uGavin Hunt. Ngokuthola kweMpempe, uHunt ubesewadunge kakhulu amanzi kwiChiefs kwasolakala ukuth ngeke esakwazi ukuwacwenga.

Lokhu kungenxa yokuthi ubengasazwani neningi labadlali asebenesikhathi bekuleli qembu ngendlela abebaphethe ngayo. Abasondelene naleli qembu bathi ubebatshela emehlweni ukuthi uzobakhombisa isango lapho lingakhona uma kuphela isizini.

“Uyabona nje uKatsande watshela ukuthi noma engabe eqala efuna umsebenzi engxenye ngoba yena akanasidingo sakhe. Nabanye ke bebevele bezibponela ukuthi isikhathi sabo asisekho ngendlela obekwenzeka ngayo.

“UKgotso Moleko yena kwathiwa akayojima nabafana abancane, kwasiza khona ukuthi adaze inkani athi ngeke akwenze lokho. Ngale kwalokho ngabe kumanje ujima enkulisa,” kusho omunye wabasondelene naleli qembu ocele ukungadalulwa.

Kuvele nokuthi iChiefs ayizange isaba nanendaba nokuthi kuzodingeka ikhokhe uR15-million wonke ukuze ihlukane nalo mqeqeshi njengoba bekusasele izinyanga ezingaphezu kuak-24 kwinkontileka yakhe.

“Phela ubeyikha ngamafosholo imali njengoba beyicela esigidini ngenyanga nje. Manje kuthe sekuxoxisenwe kwavunyelwana ngokumfumbathisa uR15-million bese ebona afika ngayo ngoba ubudlelwano bebungasekho buhle ngisho nakubaphathi imbala.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.