Ncikazi: ‘Ngiphoxekile ngokuthi sidedele igoli ekugcineni kodwa…’

Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uMandla Ncikazi

SIHLE NDLOVU

Ubungazitshela ukuthi uthukuthele ugane unwabu umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uMandla Ncikazi, ngemuva kokuthi iqembu lakhe lidedele igoli ngomzuzu wokugcina libhekene neSwallows FC emdlalweni weDStv Premiership, eDobsonville Stadium, ngoMgqibelo.

Nokho lo mqeqeshi uveze ukuthi uyakwemukela ngezandla ezimhlophe ukubuya nephuzu kulo mdlalo obese kubukeka sengathi Abafana Bes’thende bazowaqoqa ephelele kuwona. I-Arrows ibihamba phambili ngo 1-0 sekusele imizuzwana engu-30 ukuthi kuphele umdlalo kodwa yavumela uVuyo Mere ukuthi ashaye igoli, alahleka kanjalo amaphuzu amabili.

“Ngihlukene phakathi ngendlela engizizwa ngayo. Ngiphoxekile ngokuthi sidedele igoli ekugcineni ngci kodwa iqiniso kumele likhulunywe, angicabangi ukuthi sidlale kahle namuhla. Ukube sithole amaphuzu amathathu bekuzobe siwebile nje, kuyenzeka kweminye imidlalo. Njengoba umdlalo uphele ngo 1-1 asinankinga nephuzu elilodwa,” kusho uNcikazi ngemuva komdlalo.

“Lona ngomunye wemidlalo engemihle neze esingike ngayibona idlalwa yi-Arrows kule sizini. Kodwa iqembu livunyelwe ukuba nomdlalo onjalo, kumele kube yisifundo njengoba sibheke phambili. Ngiyazi ukuthi ngemuva kwekhefu asilona iqembu elifanayo, mhlawumbe kumele sisebenze kokuthile okuhlangene nekhefu. Kodwa ngiyajabula ukuthi sithole iphuzu ekuhambeni. Okuhle ukuthi asizange sishaywe. Asithathe iphuzu sifunde, bese sibheka phambili.”

I-Arrows ayidlalanga kahle neze kulo mdlalo nokufakazelwe ukuthi ibuze kanye kuphela ezintini zikaVirgil Vries, unozinti weZinyoni. UNcikazi uncome ubuhlakani bomqeqeshi weSwallows, uBrandon Truter, ambona elihlela ngendlela iqembu lakhe.

“Kumele sincome, ngicabanga ukuthi uBrandon nethimba bahlela ngendlela ekahle kakhulu. Udlala ngabadlali baseziphondweni basemuva njengoba kwenza iManchester City. Kuba nzima kakhulu ngoba kumele abadlali bakho basemuva bangayi kakhulu phambili. Uma bezama ukuya phambili bashiya umdlali othile eyedwa okungaba yingozi kakhulu. Uma bethola ibhola bafuna ukusebenzisa lowo mdlali. Ubuhlakani obuphezulu lobo.

“Asizange sizithole sisenkingeni isikhathi esiningi kodwa ngicabanga ukuthi uma eqhubeka (uBrandon) nale ndlela uzothola imiphumela emihle eminingi kwiSwallows. Ngasohlangothini lwethu siyiqembu eligcina ibhola bese lizama ukwakha amathuba. Kumele sisebenze kulokho kuqala (ukugcina ibhola) bese sibone ukuthi siyakwazi ukwakha amathuba,” kuphetha uNcikazi.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe.com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.