Ndlondlo: Izosheshe ilanywe ezinye le ndebe yeMTN8

Umdlali wasesiswini kwi-Orlando Pirates uNdabayithethwa Ndlondlo ubonge iMamelodi Sundowns ngokuwina kwabo indebe yeMTN8
UNdabayithethwa Ndlondo we-Orlando Pirates

 

Umdlali wasesiswini kwi-Orlando Pirates uNdabayithethwa Ndlondlo ubonge iMamelodi Sundowns ngokuwina kwabo indebe yeMTN8. 

IPirates ishiye kukhalwa eThekwini ishaya AmaZulu FC ngo 1-0 emdlalweni wamanqamu obuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo kusihlwa. 

UNdlondlo uthi ubunzima ababuthwaliswa yiSundowns esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu yibo obabanika amandla okuthi bayiwine le ndebe. 

“Wawunzima kakhulu lowa mdlalo futhi yiwona owasenza sabona ukuthi singayinqoba le ndebe uma sikwaze ukuphuma kubo siphila,” kusho lo mdlali omfishanyana. 

UNdabayithethwa Ndlondlo uphinde waveza ukwenama kwakhe ngokunqoba indebe yakhe yokuqala nePirates asanda kufika kuyo esuka kwiMarumo Gallants. 

Bese kuyindebe yesithathu lena kuNdlondlo njengoba awina iNedbank Cup neTshakhuma Tsha Madzivhandila, wayiphinda futhi neGallants ngesizini edlule. 

Uthembise abalandeli bePirates ukuthi le ndebe abayiwinile eyokuqala yeziningi abafuna ukuziletha eqenjini. 

“Le ndondo isho lukhulu kimi ngoba asiside isikhathi ngifikile eqenjini. Kodwa manje manje senginendondo yegolide. 

“Lena ayokuqala nje yeziningi ezizayo. Ziseningi ezilandelayo,” kusho lo mdlali osephenduke inkosi kubalandeli beZimnyama. 

Ukuvumile nokuthi Usuthu nalo belungazibekile phansi futhi bayithole bejulukile le ndebe yabo ehambisana no-R8-million. 

FUNDA NALA: Uphinde wavelela ngobuqhawe bakhe uSaleng iPirates iwina iMTN8

“Bekungewona umdlalo olula, bewunzima kakhulu kodwa kusebenze ukuthi sibambisane kusuka umdlalo uqalile waze wayophela. 

“Yize singabanga namathuba amaningi okushaya amagoli kulo mdlalo, kodwa ithuba esilitholile silisebenzise ngendlela efanele.” 

Igoli lokuwina lePirates liqhamuke noMonnapule Saleng kade kuyibhola elibekwe phansi ngaphandle kwebhokisi loSuthu. 

USaleng uvele wadedela imbumbulu yeshodi, uVeli Mothwa wezwa ngenhlokomo yezihlwele ukuthi seligaxele enethini ngemuva kwakhe ibhola. 

– Alfred Ngubane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *