Nelukau: ‘Ngingumqeqeshi omkhulu, ngizoyifaka kowamanqamu iTTM’

Nelukau: 'Ngingumqeqeshi omkhulu, ngizoyifaka kowamanqamu iTTM'
ULucky Nelukau
OkaDonga Gumbi

ITshakhuma Tsha Madzivhandila (iTTM) izibona ingakuphinda ewenze ngesizini edlule ngesikhathi iwina iNedbank Cup ingabhekwe muntu.

Lokhu kuvezwe wumqeqeshi wayo obegcwele ukuzethemba ngemuva kokuwashisa kwabo iGolden Arrows ijezi kulo mqhudelwano ngoMgqibelo.

ITshakhuma idlale ngokuzimisela futhi beyingayiniki thuba i-Arrows lokuthi izenzele kanti yize iwine kumaphenathi, umqeqeshi wayo uLucky Nelukau usale ephuphuma ukuzethemba. 

“Ngijabule kakhulu. Ngingumqeqeshi omkhulu mina iTTM ngizoyithatha ngiyifake kowamanqamu,” usho kanje ngemuva komdlalo lo mqeqeshi.

“Uyabona ebholeni ukuzikhandla kuzala impumelelo. Lo mdlalo bekumele uphele ngesikhathi esijwayelekile, kungayiwa kwesengeziwe nakumaphenathi.

“Yize sizicijile ekushayeni amaphenathi ejimini, kodwa ngibatshelile abafana bami ukuthi ‘ningawuqeda lo mdlalo emizuzwini engu-90 uma nizimisela ngokwanele’.

“Bangabadlali abangenagama iningi labo. Abayisikhombisa ngibalande emaqenjini adlala kwi-ABC Motsepe League kanti abathathu kulabo bawudlale wonke lo mdlalo,” kuncoma uNelukau.

FUNDA NALA: Kuzocaca ngekusasa likaMhlongo ozovikela ibhande lakhe kuNyamazane

Uphinde wancoma noTshepo “Skhwama saMantariyane” Matete obelokhu eshaya lo mjiko wakhe adume ngawo kulo mdlalo.

Nokho okuncomekile akwenzile uMatete wukushaya igoli elibeke iTshakhuma phambili ngaphambi kokuthi i-Arrows ithole elokulinganisa.

Ugxume wameqa uMhtokozisi Dube qede walingqofa ngobuchule ibhola, wagcina ngokufisa ngenhliziyo ukufika kulo uNkosingiphile Gumede obevimbe kwi-Arrows.   

“Umbonile noSkhwama izinto abezenza. Abantu abaningi bebethi usephelile, ayisekho indaba yakhe. Kodwa nami ngisewumdlali ngangidlala njengaye ngakho ngiyakwazi angakwenzela iqembu.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.