Ngabe iChiefs izosasazela ngoBilliat kowomkhaya?

UKhama Billiat

OKADONGA GUMBI

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt kungenzeka ukuthi ubelalisa ulaza kwi-Orlando Pirates ngesikhathi ememezela ukuthi uKhama Billiat uzobe engekho uma la maqembu esekhiphana inkani emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngeSonto ntambama.

UHunt ukuveze ngoLwesine lokhu ngesikhathi ekhuluma ngalo mdlalo obhekwe ngabomvu yizwe lonke, wathi leli qhawe laseZimbabwe alikakulungeli ukudlala yize seliluleme ekulimaleni okulihlalise ngaphandle isikhathi eside.

Kodwa i-video enamekwe yiChiefs ezinkundleni zokuxhumana ngoMgqibelo ikhomba ukuthi kungenzeka lo mdlali abonakale kowomkhaya.

Kule video uBilliat ubonakala ezilolonga nozakwabo futhi egijima nje enza konke ngaphandle kwenkinga.

BUKA: UKhama Billiat ezilolonga neKaizer Chiefs

 

Le video seyiqale nezinkulumo kwiTwitter njengoba kuphikiswana ngokuthi yini engcono angayenza uma ebuya. Abanye bathi vele awukho umehluko azofika nawo kanti abanye bathi uyadingeka.

Kodwa kuyinto engangatshazwa ukuthi uma kuwusuku lwakhe, izinto zimvuma, uBilliat angayihlakaza ayiqede iBucs.

Nokho usahluleka ukubuyela ezingeni elamenza intandokazi yabalandeli kwiMamelodi Sundowns kusukela afika kuMakhosi.

UHunt nokho kungenzeka angamsebenzisi ngempela uBilliat, ngesizathu sokumonga kwazise usanda kwelulama kodwa akubonakali kuzokwenzeka okufanayo eqenjini lesizwe laseZimbabwe.

Umqeqeshi weqembu lesizwe eZimbabwe, uZdravko Logarusic, wamfaka uBilliat ohlwini lwabadlali azohlunga kubo azohlasela ngabo kwiBotswana neZambia emidlalweni yokuhlungela iCAF Africa Cup of Nations (AFCON) ngeviki elizayo.

Futhi njengoba abanye babadlali abaphesheya bengeke besatholakala ngenxa yokuvinjelwa kwabo ukuhamba ngezizathu zezokuphepha ezihambelana nokutheleleka ngeCovid-19, uLugarusic uzomdinga kakhulu uBilliat.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.