Ngabe iChiefs izoyibangisa ngampela iSundowns isicoco seligi?

Ngabe iChiefs izoyibangisa ngampela iSundowns isicoco seligi?
UBeranrd Parker
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Indlela iKaizer Chiefs enonkele ngayo kwilogi yeDStv Premiership yaze yafika endaweni yesibili seyenze abantu bayibuka ngenye indlela – ngabe lokhu kusho ukuthi iMamelodi Sundowns seyinembangi?

Kukhona abayibona ingumlilo wamaphepha nje into ezosabisa ngelangabi elikhulu kodwa elizolotha lingakenzi monakalo otheni.

Kukhona abakholwa wukuthi yilona qembu ke leli elizoke lisokolise iMamelodi Sundowns liyidlisele ogageni ingazidleli nje kalula izicoco zeligi.

Phela iSundowns kumanje ibheke ekudleni isicoco sesihlanu kulandela nokuzona ngesika-12 sezizonke.

Nokho indlela iChiefs eza ngayo ibukeka ingase iziphazamise lezi zinkunzi waseTshwane uma ingawubamba unomphela umgqigqo wayo. 

Khona kuseva njengoba kusadlalwe imidlalo engu-12 nje kule sizini kodwa lokho kuyinto enhle kwiChiefs ngoba kusho ukuthi isheshe yavuka emaqandeni. 

Ukubuya kukaStuart Baxter nokusayinwa kwabadlali abanamava nekhono elihle njengoKeagan Dolly, Phathusthhutshedzo Nange, Njabulo Ngcobo noCole Alexander kuyivusile impela. 

Kuyishwa ke nokho ukuthi uBaxter ngathi ugeza ngonukani indlela le abalandeli abangayizwa ngayo indaba yakhe.

Bamsola ngokuthi iqembu lakhe ligxila kakhulu ekuvaleni emuva okwenza lingadlali ibhola elihehayo. 

Kodwa usekwaze ukuvusa izinkabi obese kuthiwa liyazesinda ijoka kwiChiefs uBernard Parker noKhama Billiat.

Kumanje laba badlali yibo abasekhaleni lempi yokubuyisa isithunzi sallei qembu elalidume ngokuzidlela izicoco kalula kudala. 

Indlela izinto ezenzeka ngakho yikho okwenza uParker abone besangayijaha bayifice baphinde bayidlule iSundowns – njengoba nayo yenza kubo kumasizini amabili edlule.

“Ngiyakhumbula kwenye isizini sasihamba phambili ngamaphuzu angu-11 sekusele imidlalo engu-12 iphele isizini.

“Kodwa (iSundowns) yakwazi ukusihubha yaze yasifica yabe seyisidlula yadla isicoco,” kusho uParker kwabeSowetan muva nje.

FUNDA NALA: U-Arendse ukhala ngokulotha konozinti bakuleli kwiDStv Premiership

“Ngakho kungenzeka noma yini. Indlela ozakwethu ababukeka bewabamba ngayo amacebo okudlala ingenza ngikholwe ukuthi siya ngokuqina kakhulu.

“Nginenkolelo enkulu yokuthi ekupheleni kwesizini kungenzeka noma yini. Singazijika izinto.

“Sinalo ikhono lokukwenza lokho futhi sizolwa ngokuzikhandla kuze kube sekugcineni.”

Uma uBaxter engawina okungenani eminye imidlalo emithathu ngaphambi kwekhefu likaKhisimuzi, nakanjani amathemba enganyuka kubalandeli.

Umdlalo olandelayo nokho uzothanda ukuba yinselelo engase icacise ukuthi iChiefs izokwazi ngampela yini ukuncintisana neSundowns.

Amakhosi azobhekana neCape Town City engaxoleli uma ivunywe yizinto ngalelo langa ngempelasonto.

Ngabe iChiefs izokwazi ukudlubulundela, ihlale ezithendeni kwiSundowns?

Impendulo seyiyocaca uma sekubhekwe entanjeni la kusuke sekukhethwa amathole ezinkunzini.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *