Ngabe iChiefs seyimhlulile uBaxter?

UStuart Baxter
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uStuart Baxter, uthi bazosebenzisa isikhathi abazosihlala bengadlali ukubuyisela iqembu emgqigqweni walo okahle.

Usho lokhu ngemuva kokuthi Amakhosi ephinde ahluleka ancama ukuthola igoli ngesikhathi ebambana neCape Town City ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership, eKapa, ngoLwesibili ebusuku.

Kube yinto efanayo nangempelasonto ngesikhathi iChiefs ishaywa yiTS Galaxy ngo 1-0 emdlalweni weNedbank Cup Last 32. Lokhu kwenze ukuthi aphele nya amathuba okuthola indebe kule sizini esiya ngasemaphethelweni.

“Ngicabanga ukuthi siyazama ukuphaselana kahle ibhola uma sakha siya ngasebhokisini. Ngokwesekana ngicabanga ukuthi ngokuzayo sizobona bekhahlelela ipali kangcono,” kusho uBaxter.

“Kuzothatha isikhathi ukuthi siphinde sidlale, kuzoba yisonto lonke. Sizodlala umdlalo wobungani neSuperSport. Ngethemba ukuthi sizobuyisela bonke abadlali esimeni ukuze siyisonge kahle isizini.”

Mayelana nomdlalo wonke uBaxter uzwakale enkanta nje, engacacisi ukuthi yini eyenza babe buthuntu phambi kwamapali. IChiefs ikwaze ukukhahlela kanye nje vo, iqondise emapalini eCitizens.

“Sizamile ukuwuphatha umdlalo kwaze kwaba yimizuzu engu-15 yokugcina. Siwakhile amathuba kodwa sahluleka ukushayela ipali.

“Bekumele kube yithina ebesingazama ukuwina umdlalo ekugcineni kodwa ngemizuzu yokugcina senze izinguquko ezimbalwa. Ngenxa yokuthi besizama ukuya phambili besishiya kuvulekile emuva.

“Sizibeke engcupheni izikhathi eziningi lapho bekumele siphunge izitha sekuvalwe amehlo.”

Kukho konke okushiwo uBaxter akucaci kahle ukuthi inkinga yeChiefs ngaphandle kokuthi “kuxubene nokungadlali isikhathi eside, abanye badlale imidlalo emine kanti abanye basadlale imizuzu engu-15.”

Okunye okushiwo uBaxter ukuthi badlale kangcono bebhekene neCitizens uma kubhekwa umdlalo abawudlale neTS Galaxy.

IChiefs izoze idlale neBaroka FC ngoFebhuwari 26 emdlalweni weligi okumele iwuwine nakanjani ukuze isuse ingcindezi enayo.

Umbuzo omkhulu owokuthi, ngabe uBaxter usehlulekile ukwenza umsebenzi wakhe kwiChiefs?

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.