Ngabe iCitizens ingakuqeda ukukhonya kweSundowns?

U-Eric Tinkler ocija iCape Town City
Sihle Ndlovu

Ukuqala kwesizini entsha yeDStv Premiership kusho ukuthi amaqembu aseNingizimu Afrika sekumele aqale eze netulo lokuketula iMamelodi Sundowns engompetha beligi.

Abafana Ba’Style sebezenzele kakhulu kumasizini edlule bewina isicocco seligi kahlanu kulandelana. Lokhu kwenza kubukeke sengathi iSundowns izidlalela  yodwa njengoba seyiwine isicoco kawu-12 (selokhu kwaba yiPremier Soccer  League) kanti iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates basasiwine kane bobabili.

Amakhosi neBucs bathezile impela njengoba kuqala isizini entsha, nokuchaza ukuthi bazozama ukuncintisana neSundowns ingazenzeli umathanda. Nokho iqembu elibukeka lizoyinika ukuqhudelana okuhle iSundowns, yiCape Town City esonge isizini edlule isendaweni yesibili ngemuva kwawo amaBrazilians.

Umqeqeshi weCity, u-Eric Tinkler, uthe inhloso enkulu kule  sizini ukuphusha abadlali baye kwelinye izinga.

“Ngeke sisho into engabambeki sithi sizoncintisana neSundowns ngesicoco seligi,” kusho uTinkler.

“Sizoncintisana nabo enkundleni kodwa awuwini isicoco ngokushaya iSundowns. Uwina iligi ngokuwina neminye imidlalo.”

ICitizens izovula imidlalo yeligi ngokubhekana nayo iSundowns kowePremiership, eCape Town Stadium, eKapa, ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku.

“Kumele senze kancono kunesizini edlule. Uma ngisho kanjalo ngikhuluma ngokwezinombolo,” kusho uTinkler.

“Siqede sinamaphuzu angu-49 ngokwedlule, kanti ngaphambi kwalokho saba namaphuzu angu-53. Asidedelanga amagoli emidlalweni engu-14 yomzuliswano wesibili. Kumele sibe ngcono kunalokhu.”

Abekho abadlali abatheni abasayiniswe uTinkler futhi uyagcizelela ukuthi ufuna ukubona laba abebekhona bebhukula. Kuzomele bazibambe ziqine ngoba bazodlala nakwiCAF Champions League kulandela ukuqeda endaweni yesibili kwilogi. Ngabe iCitizens iyona ezoqeda ukukhonya kweSundowns?

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.