Ngabe ihlekisana ihlomelene kubaqeqeshi beSundowns?

Ngabe ihlekisana ihlomelene kubaqeqeshi beSundowns?
Abaqeqeshi beMamelodi Sundowns oRulani Mokwena noManqoba Mngqithi
OkaDonga Gumbi

Isimo asisihle ekhempini yeMamelodi Sundowns kulandela ukuhilizisana kubaqeqeshi bayo. ISundowns inomdlalo obalulekile wamanqamu kwiNedbank Cup ngoMgqibelo.

Impempe seyithole ngomthombo wayo othembekile ukuthi  abaqeqeshi oManqoba Mngqithi noRulani Mokwena babe baphakamiselana amazwi waze waduba waphuma eginjini lokushintshela oyedwa.

“Bekungemuva komdlalo la bebebhekene khona neRoyal AM muva nje. UManqoba ubengenelisekile ngabafana abancane uMokwena athe abadlaliswe,” kusho lo mthombo.

“Lokhu ubekwenza ngoba ethi efuna bebe bejwayela ukudlala ngoba ufuna ukusebenzisa bona kakhulu ngesizini ezayo, asekhulle bake behlehle.

“UMngqithi wacasulwa wukuthi bacishe badliwa yiRoyal AM ngoba abafana abancane sebehluleka ukumelana nayo.

“Wabe esetshela uRulani ukuthi ‘laba bafana bakho bazosilimaza, sizophela induku uma sizoqhubeka nabo. Kumele babuyele enkulisa’.

“URulani akazibekanga phansi njengoba ethe ngeke bayekwe abafana abancane kodwa amakhehla okumele aphunyuzwe.

FUNDA NALA: UZwane uthi wazalelwa ukuqeqesha iChiefs futhi kade azi kuzokwenzeka lokho

“Babesebehilizisana kwaze kwasiza uSteve (Komphela) ongene phakathi kwabo, uMngqithi wabe esevele ephuma eshiya kanjalo,” kusho lo mthombo.

Nentatheli yesinye seziteshi zaseGoli uThemba Shabalala ikuvezile ukuthi isike yezwa ngalesi sigameko nokuthi ithe uma ibuza uMngqithi ngaso kuleli viki wathalalisa.

“Kuthe sengiekhaya ngafonelwa ngibuzwa ukuthi kanti ngimbuzeni umqeqeshi ngoba ungene ehhovisi esebuza ukuthi ubani lo okhipha izindaba zangaphakathi eqenjini.

“Ngibe sengibona lapho ke ukuthi yenzeke ngampela lento ngoba bebengeke bazihluphe ngayo ukube yinto engekho,” kusho uShabalala.

Naphambilini kwake kwanemibiko ethi kube nokuhilizisana phambi kwabadlali kubaqeqeshi nokwaphetha ngokuthi uMngqothi abuye azoxolisa.

Kuthiwa wayekhulume kabi ngoMokwena. Abaphathi babe sebezama ukuyixazulula le ngxabano yabo kodwa kubukeka sengathi ihlekisana ihlomelene kubo.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.