Ngabe kukhona abanye abazolandela uNtshangase bakhonjwe indlela eNaturena?

USiphosakhe Ntiya-Ntiya weKaizer Chiefs

OKADONGA GUMBI
Kusukela kuhambe uSiphelele “Stash” Ntshangase kwiKaizer Chiefs ngeviki elidlule sekunamahlebezi okuthi kukhona abanye abazolandela maduze.
UNtshangase oneminyaka engu-27, udedelwe ngeviki elidlule yize bekusasele izinyanga ezintathu kuphele inkontileka yakhe naleli qembu laseNaturena.
Sekuvele ukuthi esinye sezizathu ezenze abaphathi baqoka ukusheshe bahlukane nalo mdlali obethandwa kakhulu ngabalandeli ukuhluleka kwakhe ukuziphatha.
Kuthiwa ubesenokufika sekwedlule isikhathi futhi akhombise ukungabi nandaba nokwenziwayo uma iqembu lizilolonga obese kudunga umoya eqenjini.
Ebuzwa ngesinqumo sokudedelwa kukaNtshangase, umqeqeshi weChiefs, uGavin Hunt uziqhelelanisile naso.
“Kube yisinqumo sabaphathi. Kube yindaba ende… uyazibona izinto ezinjalo. Akukho okutheni engingakusho ngakho,” kusho uHunt.
Sekuvele nokuthi oSiphosakhe Ntiya-Ntiya noYagan Sasman nabo bangase basheshe badedelwe ukuze bebe beqala besifunela amatoho engxenye.
“Izingxoxo seziqalile vele nabadlali abazodedelwa kanti abanye bazicelele ukuthi baqede isizini ukubalekela amahlebezi avelayo uma umdlali esheshe wadedelwa.
“Kodwa kungenzeka kube khona abahambayo ngesikhathi sekhefu lemidlalo yeFIFA ngeviki elizayo,” kusho osondelene naleli qembu ongathandanga kudalulwe igama lakhe.
Uthe umqeqeshi ufuna ukusheshe awaqale amalungiselelo esizini ezayo yingakho sekuqaliwe ukulungiswa kwezinto.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.