Ngabe kukhona aqonde ukukusho uWilliams ngesithombe egqoke imibala yePirates?

URonwen Williams
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Njengoba kuyinto eyaziwayo ukuthi i-Orlando Pirates kudala yayimfisa unozinti weSuperSport United, uRonwen Williams, usevele wakuqala phansi ukuqagula ngaye naleli qembu laseSoweto.

UWilliams uvele wafaka isithombe sakhe esisha ekhasini lakhe kwiTwitter, wabe esesiphelezela ngombhala othi #NewProfilePic. Lokhu kusho ukuthi yisithombesake sakamuva azosisebenzisa kule nkundla yokuxhumana.

Kulesi sithombe ugqoke izimpahla zakwa-Adidas ezimnyama ezifana nejezi iPirates edlala ngalo kule sizini. Kuzokhumbuleka ukuthi iSuperSport yona isebenzisa izimpahla zakwa-Umbro.

Yize yena ngokwakhe uqobo exhaswe abakwa-Adidas, kodwa ukukhetha lo mbala weBucs yikho okudonse amehle abaningi baqala bambuza ukuthi ngabe uya kuyo yini.

Ngasekupheleni kwesizini ka-2018/19, kwake kwanemibiko yokuthi iPirates imfuna phansi phezulu lo nozinti. Nokho wakuqeda konke ukuqagela ngesikhathi esayina inkontileka yeminyaka eyisithupha kuMatsatsantsa.

Kodwa ke sekuke kwavela kuyo le sizini ukuthi usengakuthanda ukuyothola inselelo entsha kwenye indawo njengoba esebona ukuthi cishe isikhathi sesiyomshaya ekutheni usengaya phesheya.
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.