Ngabe kuvikelwa uKelly ukuthi angalubhadi enkantolo kwelikaMeyiwa?

UKelly Khumalo
Sihle Ndlovu

Ukuhlehliswa kwecala likaSenzo Meyiwa, owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, kungenzeka ukuthi kushiye abaningi bengabaza ukuthi kukhona abayoke baboshwe ekugcineni.

Leli cala lizoze libuyele enkantolo ngoSepthemba 5 kulandela isicelo sommeli, uZandile Mshololo, omele umumangalelwa wesihlanu, uFisokuhle Ntuli, ukuthi anikwe ithuba lokucubungula kahle idokodo lesibili ukuze aqhubeke nokuhloma imibuzo uThabo Mosia.

UMosia uyena ufakazi oqanda ikhanda kuleli cala, kanti idokodo lesibili livulwe ngoJanuwari ka-2019. Inkantolo enkulu yasePitoli ibe isicela iNational Prosecution Authority (NPA) ukuthi ithathe isinqumo ukuthi laba ababalwa edokodweni lesibili, kumbandakanya noKelly Khumalo, bazobekwa yini icala nomake babe ofakazi abangabasolwa.

Emasontweni edlule bekugxilwe edokodweni elavulwa ngo-2014 elingafani nakancane naleli lika-2019. Lapha abamangalelwa uNtuli, Muzi Sibiya, Bongani Ntanzi, Mthokoziseni Maphisa noMthobisi Ncube.

Babhekene namacala okuhlela ukubulalala, ukuzama ukubulala, ukuphanga kuhlonyiwe nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, okungamacala asebevele bawaphikile.

Ngesikhathi kuhlehliswa icala ngoLwesibili ijaji, uTshifiwa Maumela, lisivumile isicelo sikaMshololo sokuthi u-Andrew Chauke, oyinhloko yeNPA eGauteng, acacise ukuthi laba abayisikhombisa abasedokweni lesibili, okwakuthiwa kumele bavele enkantolo ngecala lokubulala nokukhohlisa umthetho, bazovela yini enkantolo njengofakazi abangabasolwa noma ofakazi ababekwe icala.

Abayisithupha balaba uLongwe Thwala, uKelly Khumalo, uGladness Khumalo (umama kaKelly), uZandi Khumalo (udade kaKelly),uMkhokozisi Thwala (umngani omdala kaMeyiwa) noTumelo Madlala. Bonke laba babesendlini ngesikhathi kudutshulwa uMeyiwa.

UMaggie Phiri, ongowesikhombisa, usolwa abaseshi edokodweni lesibili ngokuthi wahlanza indawo yesigameko ukuze amaphoyisa akholwe wukuthi uMeyiwa wabulawa ngesikhathi kubanjwa inkunzi, hhayi wumuntu owayevele esendlini.

Ngokwedokodo elivele enkantolo ngoMsombuluko uChauke wabhala ukuthi isinqumo sokushushisa laba abayisikhombisa ngokwedokodo lesibili “kwakuwumbono nje wangaphakathi owawuqhamuke nevukana lommeli” futhi liyinto engabambeki.

Konke lokhu kwenza kube nemibuzo yokuthi ngabe kungani kubhalwa kucishwa ngokuthi laba abayisikhombisa ababesendlini bazokwethula ubufakazi enkantolo? Ngabe kuvikelwa uKelly Khumalo (nalaba abalwa nabo) ukuthi angalubhadi enkantolo ukuzochaza ngokubulalwa kukaMeyiwa?

UDan Teffo, omele abasolwa abane naye uhambisana noMshololo ngokuthi kucaciswe ngedokodo lesibili. Konke manje sekulele ezandleni zikaChauke ukuthi acacise ukuthi kungani uKelly nalaba abanye ababesendlini kungafanele bayochaza ngabakubona enkantolo.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.