Ngabe kuwumqondo omuhle ukuqala iCAF Super League?

UPatrice Motsepe umengameli weCAF
Sihle Ndlovu

I-CAF SuperLeague izokwethulwangokusemthethweni eTanzania ngenyanga ezayo, okuyinto  eshayisa amakhala kakhulu kwabanye abathanda ibhola lase-Afrika.

Kunabakholelwa ekutheni lo mqondo weSuper League uzolibulala uliqede nya ibhola lase-Afrika elivele lizintengela. ISuperLeague izoqala ukudlalwa ngo-Agasti ka-2023, kanti ibekelwe isaba sika-100 million wamadola.

Okubi kakhulu ngale Super League ukuthi  awu-14 kuphela amazwe azozimbanyakanya kuyona okuzothathwa kuwoma amaqembu angu-24. Umbuzo omkhulu ukuthi kuzokwenzekani ngamanye amazwe angu-40 nawo angamalungu eCAF.
Lo mqondo uke wathushuka e-Europe ngesizini edlule kodwa kwacaca  ukuthi akuvunyelwana nhlobo. Amaqembu okwakuthiwa azodlala lapho atshelwa kahle ukuthi abadlali bawo ngeke besavunyelwa ukudlala kwiNdebe yoMhlaba.

Ngokohlelo lweSuper League iNingizimu Afrika izomelwa yiMamelodi Sundowns, yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. Lokhu kuchaza ukuthi amanye amaqembu aseMzansi azobuka lawa amathathu edlala kwiSuper League.

I-Egypt izomelwa yi-Al Ahly, yiZamalek, yiPyramid ne-Al Masry. IMorocco nayo inamaqembu amathathu njengoba izomelwa yiRaja Casablancha, iRS Berkane ne-Esperance. Amanye amazwe kodwa azosala encela izithupha njengoba engenalo nelilodwa iqembu elimenywe ukuthi liyodlala iSuper League.

Ngabe lo mbono uphusile futhi ngeke ulibulale yini ibhola lase-Afrika? Umengameli weCAF uPatrice Motsepe ubona kukuhle nje ukuthi i-Afrika ihehwe ngemali bese iqala umqhudelwano okhetha iphela emasini kanje? Konke sekuyophenduleka eminyakeni ezayo uma sekucacile ukuthi le Super League inomthelela onjani ebholeni lase-Afrika.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.