Ngabe kuyaphela kwiSuperSport noMbule?

USipho Mbule

 

Sihle Ndlovu

ISuperSport United kuzomele izame ukuwina ngaphandle kukaSipho Mbule omiswe yiqembu kulandela ukungayi ejimini.

Amatsatsantsa a Pitori azotholana phezulu neTshakhuma FC eThohoyandou Stadium, ngoLwesihlanu ngo-6.30 ntambama.

UMbule kuqinisekisiwe ukuthi umisiwe yiSuperSport kanti sekuke kwavela ukuthi lo mdlali usevele ufuna ukuhamba eqenjini.

Ngokusho kweTimesLive uKaitano Tembo, ocija iSuperSport, akafunanga ukuphendula ngendlela eqondile ngesikhathi ebuzwa ngoMbule.

“Angifuni ukukhuluma ngoSipho Mbule. Ngicabanga ukuthi lokho ngizokushiyela abaphathi beqembu,” kusho uTembo.

Nokho isikhulu esiphezulu seqembu, uStan Matthews, sivezile ukuthi ukungaziphathi kahle kukaMbule yikona okwenza angabi yingxenye yeqembu njengamanje.

“USipho usamisiwe kancane ekuzicijeni neqembu kulandela ukungabahloniphi abanye abadlali nethimba labaqeqeshi,” kusho uMatthews.

IKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns yiwona amaqembu osekuke kwavela ukuthi ayamfuna lo mdlali. Kwenzeka konke lokhu nje izinto zithanda ukungayihambeni kahle iSuperSport kule sizini.

Lokhu sekwenze kuvele amahlebezi okuthi uTembo angase akhonjwe eza ngayo, kanti uBenni McCarthy kuthiwa uyena ongase avale isikhala sakhe.

editor@impempe.com

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.