Ngabe sekumele umthwalo uhlale obhokweni kuPitso?

Ngabe sekumele umthwalo uhlale obhokweni kuPitso?
Abadlali abasha beRichards Bay FC
Sbongs Gumbi

IRichards Bay FC imemezele izinguquko ezenziwe eqenjini njengoba ilungiselela isizini yayo yokuqala kwiDStv Premiership – ngabe sekulenga izembe kuPitso Dladla?

Leli qembu laKwaZulu-Natal yilo elibyukele kulesi sigaba lisuka kwiGladAfrica Championship kanti kuthe ngoLwesine lwethula izikhulu nabadlali abasha.

Ngaphambi kokwethula abadlali abasayiniwe ukuqinisa iqembu, usihlalo walo uJomo Biyela ube esethula uVasili Masounakis njengozoba ngumeluleki wethimba labaqeqeshi.

UMasounakis ufika kwiNatal Rich Boys nje usuka komakhelwane bayo esifundazweni AmaZulu FC la abeyiphini likaBenni McCarthy khona.

Akukho ke okubi ngokuba nomuntu onamava esigabeni esiphezulu ukuba azosiza kodwa ngabe lokhu kusho ukuthini kuPitso?

Ngokujwayelekile ebholeni lakuleli uma kuqashwa umphathi noma umeluleki wethimba labaqeqeshi kusuke kusho ukuthi uzocutha ukuthi uma izinto zingahambi kahle, athathe aqeqeshe. 

UDladla uzolekelelwa nguRonnie Govender bese kuthi iMasounakis abheke ukusebenza kwabo, eluleke lapho kudingeka khona.

FUNDA NALA: Uphele sekukubi umhlangano wabesibhakela eKZN sekukhonjwana ngezibhamu

UBiyela uphinde wethula nowayeyimenenja kuMaZulu FC kudala uJames “SMS” Dlamini ukuthi nguye ozoba yimenenja jikelele kuleli qembu. 

Uma sibuyela kubadlali, umdlali ogqamile kwabalandiwe nguNkanyiso Zungu obelekiswe yi-Orlando Pirates.  Kusabhekwe ukuthi iNatal Rich Boys ithole noZakhele Lepasa kuyo iBucs. also on loan from the Buccaneers. 

Sebebonke abadlali abasha naba: Sibusiso Mthethwa (Stellenbosch FC), Ndiviwe Mdabuka (Cape Town All Stars), Sanele Barns (Tuks ), Ntuthuko Mabasa (Orlando Pirates FC), Siyanda Dlamini (uThongathi FC), Nkanyiso Zungu (Orlando Pirates FC), Yamela Mbuthuma (Thohoyandou FC), Thulani Gumede (Royal Coastal FC), Micheal Gumede (Golden Arrows) and Matome Mabeba (TS Sporting).

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.