OkaDonga Gumbi
Sekuvele imibiko ethi selikhalile izembe kuGeorge Maluleka yize ebesasalelwe wunyaka kwinkontileka yakhe kwiMamelodi Sundowns.
Lezi zindaba ziputshuzwe ngabeFar Post ngoLwesithathu kusihlwa, kwachwaza izinkundla zokuxhumana abalandeli beKaizer Chiefs bemhleka usulu.
Phela uMaluleka wabachayisa besamthanda eNaturena ngesikhathi esayina kwiSundowns ngesikhathi sikaPitso Mosimane.
Wayesefomini enhle kwiChiefs futhi engomunye wabadlali okuthenjelwe kubo. Abanye basakholwa wukuthi ukuba akahambanga iChiefs yayizoyiwina iligi kuleyo sizini.
ISundowns beyingakaziqinisekisi lezi zindaba kodwa kulindeleke ukuthi ilukhiphi nayo uhlu lwabazofakwa amasondo maduze nje.