Ngabe udukisa umkhondo uZwane ngabagadli ababalayo azibe uDu Preez?

Ngabe udukisa umkhondo uZwane ngabagadli ababalayo azibe uDu Preez?
U-Ashely DU Preez weStellenbosch FC
OkaDonga Gumbi

Sekusabalele izwe lonke ukuthi iKaizer Chiefs seyisayine omunye wabagadli abathembisayo kuleli u-Ashley Du Preez, kodwa umqeqeshi wayo u-Arthur Zwane uvele wabala abanye uma ebuzwa ngazoqinisa ngabo.

Ekhuluma ngemuva komdlalo wabo wokugcina kule sizini kwiDStv Premiership, uZwane ubuzwe ngabagadli abangase babalande ukuqinisa phambili.

“Ungakwazi ukuthola uPeter Shalulile kwiSundowns? Cha. Uyayiqonda into engiyishoyo?,” usho kanje lo mqeqeshi.

“Uyedwa umdlali ozamile (ukusondela kuShalulile ngamagoli). Mhlawumbe singabheka u-Eva Nga, kodwa ngabe ungumdlali ongafaneleka kwiChiefs noma esimfunayo?

“Sizobona… Ngabe uVictor Letsoalo ungumdlali ofanelekile nongadlala kwiChiefs? Impendulo ithi yebo. Kodwa ngabe singakwazi ukumthola?  

“Uyayizwa lento engiyishoyo? Yilezo ke izinselelo esibhekene nazo futhi zinjalo nje,” kuchaza uZwane okulindeleke aqashwe ngokugcwele kwiChiefs. 

IChiefs kulindeleke idedele abanye babagadli bayo kanti uSamir Nurkovic sekuvele kunemibiko ethi usesayine kwiRoyal AM. 

ULazarous Kambole naye akubonakali ezohlala kwazise uphinde wahluleka ukuzigqamisa kuleli qembu osekungunyaka wesithathu ekulo. 

NoLeonardo Castro sekuvele kaningana ukuthi angase akhululwe naye abone ukuthi ubhekaphi okuzokwenza iChiefs isale inqunu phambili.

FUNDA NALA: OweBaroka uthi kube yisifundo okwenzeke kubo bedliwa yizembe

UDu Preez uyena obukeka ezoba yisisombululo seChiefs phambilini njengoba enejubane kanti nepali akalibheki.

Ushaye amagoli ayisishiyagalolunye kule sizini. IStellies sivele ke sinobudlelwano obuhle neChiefs njengoba sesike sayinika uPhathutshedzo Nange phambilini.

Nakulokhu seyikuqinisekisile ukuthi seyimdedelile uZitha Khwinika obengukaputeni wayo njengoba esezoyogijima kwiChiefs ngesizini ezayo. 

Umbiko oshicilelwe yiThe South African uveza ukuthi sekuqediwe konke phakathi kweChiefs neStellies ngoDu Preez sekusele khona ukuthi amenyezelwe eNaturena.

UZwane uthe yena ngeke aphawule ngabadlali abasha kodwa uzodedela iqembu kube yilo elimemezelayo uma kukhona umdlali osesayiniwe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.