Ngabe uKada ngumgadli weChiefs omusha?

Ngabe uKada ngumgadli weChiefs omusha?
U-Ismael Aziz Kada
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ngabe ngumgadli weKaizer Chiefs omusha lo? Lo mbuzo uqubuke ngemuva kokuveka kokuthi umgadli waseTanzania osemncane, u-Ismail Aziz Kada uzotheleka  kuleli ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.

IPhakaaathi ibike ngoLwesine ukuthi uKada kulindeke afike kuleli ezoqedela izingxoxo neqembu laseGauteng. UKada ubedlala kwi-Azama FC, engelinye lamaqembu aphambili kwiligi yaseTanzania.  Ekugijimeni kwethu sifuna ukuthola ukuthi ngabe yiliphi leli qembu, sibe sesithola ukuthi yiChiefs.

Funda nala: IRichards Bay beyingafuni ukuwacosha kakula amaphuzu kwiRoyal AM

“UKada uzofika kuleli evikini noma kwamabili ezayo. Ujabule kakhulu ngokuza eNingizimu Afrika,” ucashunwe esho kanje uSiya Mareke oyimenenja yalo mgadli waseTanzania.

“Uyazi ukuthi bajabula kanjani abadlali bakwamanye amazwe uma bezoza kuleli ngoba iligi yethi ithathwa ngengephezulu e-Afrika. Iningi labo liyafisa ukuza kuleli bazozakhela igama.

“Nami ngimjabulele ngoba ngiyazi uzokwenza kahle kuleli. Unekhono elimangazayo futhi akalibheki ipali. Noma ngabe yiliphi iqembu asayina kulo, lizobe lihlomulile,” kuqhuba uMareke.

Uphinde waveza ukuthi inhloso yabo ngoKada ukuthi aye e-Europe, yingakho befuna ukuzomfaka eqenjini elizomqinisa ukhakhayi kuleli.

“Inhloso yethu ngaye wukuthi aphelele e-Europe ngokushesha. Ngiyamethemba ukuthi uzosheshe ajwayele kuleli bese enza umsebenzi. Bekunamaqembu amhalelayo enhla ne-Afrika kodwa akathandanga ukuya khona,” kusho uMareke.
EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *