Ngabe uKhabo Zondo usefakwe amasondo noma uzihambele kwiRoyal AM?

Ngabe uKhabo Zondo usefakwe amasondo noma uzihambele
UKhabo Zondo no-Andile Mpisane

 

Selidume lamthatha uKhabo Zondo okuthiwa usekhonjwe indlela akeza ngayo kwiRoyal AM.

Umthombo usivezela ukuthi uZondo akekho ekhempini yeqembu eGoli njengoba lizobhekana neSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili.

UZondo, obese kuneminyakanyaka engabonakali ebholeni elikhokhelayo, ufike ezovala isikhala somsebenzi kulandela ukuhamba kukaJohn Maduka.

Kwaqubuka eziningi izinsolo ngemuva kwalokhu. Phakathi kwazo ezokuthi uMaduka wahamba ngenxa yempatho engeyinhle ayithola kuSinky Mnisi.

Abazazi kangcono ezakwaMaMkhize bathi uMnisi wayemqubukusha ngoba ephendlela umngani wakhe uZondo izikhundla.

Ukuhamba kukaKhabo Zondo kusho ukuthi leli qembu selihanjelwe ngabaqeqeshi abathathu ngesizini eyodwa njengoba kwaqala kwahamba uMaduka, wabe eselandelwa uDan Malesela.

FUNDA NALA: Uhambe esepakishe kumhlambungehlule owaduma kwiDowns

Njengamanje kusele u-Abraham “Wire” Nteo. Kwenzeka lolu guquko kubaqeqeshi nje iRoyal AM idlala kwiCaf Champions League.

Kubonakala indlela eya empumelweleni iya ngokufiphala njengoba kubonakala ukuthi khona intuthu ekhona ngaphakathi.

IRoyal AM isanda kunqoba iMacufe Cup la ihlule khona iKaizer Chiefs la kwabonakala khona usihlalo weqembu u-Andile Mpisane esengukaputeni eqeukula indebe.

– Alfred Ngubane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *