Ngabe uMothwa uyithukuse emqubeni ngokushiya Usuthu?

UVeli Mothwa
Sihle Ndlovu

Ugcizelela ukuthi alikho iqembu akhuluma nalo unozinti waMaZulu FC, uVeli Mothwa, okuvela ukuthi angase alishiye iqembu.

Lo nozinti sekuvele amahlebezi okuthi kukhona amaqembu amcathamelayo njengoba isizini iphela futhi nayo inkontileka yakhe iphela kuSuthu

Nokho akafuni ukusho izinto eziningi ngaphandle kokuthi usengumdlali waMaZulu okwamanje.

“Angifuni ukukhuluma kakhulu ngalokho ngoba akekho oseke washo into ethile eqenjini,” kusho uMothwa.

“Konke ngikubona kwabezindaba kodwa mina angazi lutho ngendaba ethinta inkontileka. Ngisewumdlali waMaZulu.”

Nokho lo mdlali akakuphikisi ukuthi akakavuseleli naMaZulu futhi kuyacaca ukuthi kungenzeka noma yini njengoba inkontileka yakhe iphela ngoJuni.

“NgisekuMaZulu ngiyakuphinda lokho…futhi ngizothi ngizobe ngikhona ngesizini ezayo,” kusho lo nozinti engafuni ukuphendula ukuthi inkontileka yakhe iyaphela ngoJuni.

“Akekho oseke wangithinta, nomuntu ongiphethe uthule nya, akukho akushoyo kimina. Yinto nje ekhulunywa kwabezinda kodwa angazi lutho ngayo mina.”

Lo nozinti ukhona eqenjini lesizwe iBafana Bafana elilungiselela ukudlala imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023. Ngabe kodwa ufihla ukuthi uzolushiya Usuthu?

editor@impempe.com

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.