Ngabe uMotsepe upopola ingozi ngokungafuni kubhiyozwe manje?

Umengameli weMamelodi Sundowns uPatrice Motsepe

SIHLE NDLOVU

Kusobala ukuthi uyayiqonda ipolitiki yebhola lase-Afrika umengameli weMamelodi Sundowns, uPatrice Motsepe, njengoba engafuni kusheshe jujatshulwe mayelana nesikhundla sakhe sokuba ngumengameli weConfederation of African Foofball (CAF)

NgoMsombuluko kuvele ukuthi uMotsepe usewugujima yedwa umjaho wokuba ngumengameli weCAF ngoba abebezobanga naye bakhethe ukuhoxa beseke yena. U-Augustin Senghor waseSenegal, Jacques Anouma wase-Ivory Coast no-Ahmed Yahya waseMuaritania, bonke bakhethe ukuhoxa kulolu khetho okumele lube seRabat, eMorocco, ngoLwesihlanu.

U-Ahmad u-Ahmad okumanje uyena ongumengameli weCAF uyena obengase aphazamise uMotsepe kulesi sikhundla. Nokho iCourt of Arbritations imchithile u-Ahmad osolwa ngenkohlala kunobhutshuzwayo e-Afrika.

U-Ahmad wathatha izintambo ku-Issa Hayatou ngo-2017 futhi ubezimisele ngokuphinde angenele ukhetho oluzokwenzeka ngokusemthethweni eMorocco. Lo mengameli wagwetshwa yiFifa iminyaka emihlanu engazihlanganisi nebhola. Ubenethemba lokuthi sizobekwa eceleni isigwebo sakhe kodwa kunalokho iCAS yathi sehliselwe eminyakeni emibili engazihlanganisi nonobhutshuzwayo ngoMsombuluko.

Lokhu kuchaza ukuthi akavunyelwe ukungenela ukhetho, kanti njengoba laba abebebangabangisa uMotsepe sebehoxile kubukeka kungekho okungathikameza le njinga ephethe iSundowns. Njengamanje isimo siveza ukuthi akekho omunye oqhamuka oceleni ovunyelwe ukufaka isicelo sokungenela ukhetho. Nokho uMotsepe akafuni kusheshe kubhiyozwe engakabekwa ngokusemthethweni esihkundleni.

“Akumele ubale amachwane inkukhu ingakachamuseli. Empeleni akumele nje ulokhu uyibheka njalo inkukhu ngoba usuke uyiphazamisa. Kumele uyiyeke yenze umsebenzi wayo (wokuchamusela) uze uphele,” usho kanje uMotsepe yize bekucaca ukuthi uthokozile ngokwenzeke ngoMsombuluko.

UMotsepe uzoba ngumengameli wokuqala wase-Afrika eseNingizimu weCAF. Ayiphathwake eyaseNingizimu Afrika njengoba abantu abafana noDanny Jordaan sebeke bazama kaningi kodwa behluleka phambilini. Akwaziwa ke noma uMotsepe upopola ingozi yini uma ethi akungabhiyozwa ngoba e-Afrika kungenzeka noma yini.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.