Ngabe uMpengesi uzoyithini ekaMalesela kwiChippa?

UDan Malesela azimhambeli kahle izinto kwiChippa United

SIHLE NDLOVU

Labo abalandela unobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika, nabawaziyo umlando kasihlalo weChippa United, uSiviwe “Chippa” Mpengesi uma kukhulunywa ngokuxosha abaqeqeshi, bazolindela ukuthi kube khona akwenzayo maduze nje ngoDan “Dance” Malesela.

UMpengesi waziwa kahle ukuthi akesabi ukuxosha umqeqeshi uma ebona ukuthi izinto azihambi kahle eqenjini lakhe. Lokhu ukwenza noma yingasiphi isikhathi sesizini.

IChilli Boys ithelwe ngehlazo ngesikhathi ibhaxabulwa yiMaritzburg United ngo 5-1 emdlalweni weDStv Premiership, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoMgqibelo. Kwenzeka lokhu nje leli qembu eliqeqeshwa uMalesela livele lidonsa kanzima emidlalweni yeligi esizoya emaphethelweni kungekudala.

IChippa isendaweni engeyinhle neze kwi-log yePremiership njengoba ikunombolo 14 ngamaphuzu angu-17 ngemuva kwemidlalo engu-21. Iqembu elingemuva kwayo, iTshakhuma FC, linamaphuzu angu-16 kanti lisadlale imidlalo engu-19 kuphela. Lokhu akuyibeki esimeni esihle iChippa njengoba nemidlalo ilokhu incipha.

Ngemuva komdlalo uMalesela ukhale ngamaphutha kubadlali bakhe kodwa wagcizelela ukuthi kumele babuyele emuva bayohlelela umdlalo ozayo.

“Sishaywe kakhulu ukuzimisela nawo wonke amaphutha esiwenzile emdlalweni. Kodwa ukulambela ukuwina uma ukuqhanisa nalokho iMaritzburg ebikwenza, akufani nakancane nokwethu. Ukulangazelela ukuya phambili uyodlala ngaphandle kokuthi kwenzekani, akufani nobekwenziwa elinye iqembu,” kusho uMalesela.

“Sishaywa amaphutha ethu nokuzimisela. Uma singafunda ukukhula nokwenza izinto ngendlela ehlelekile ngokushesha, kungaba ngcono kakhulu.”

UMalesela uthe akafuni ukulokhu ekhomba abathile ngeminwe noma ebalisa kakhulu ngoba umsebenzi usemkhulu.

“Akusona isikhathi sokubalisa, yisikhathi sokubheka sibone ukuthi iyiphi indlela ebheke phambili. Uma ulokhu ubalisa ngeke ulungise lutho. Sidinga ukubheka ukuthi yini esingayenza ngaphambi kokuthi kufike umdlalo olandelayo,” kubeka uMalesela.

Emdlalweni olandelayo iChilli Boys izobhekana neMamelodi Sundowns, eSisa Dukashe Stadium, ngo-Ephreli 12. Kubukeka kusazoba nzima kakhulu kunakuqala kwiChippa.

Ngabe uMpengesi uzozibamba anike uMalesela ithuba lokulungisa izinto? Mhlawumbe okungenza amxolele ukuthi iqembu lisekhona kwiNedbank Cup esifinyelele kweyandulela owamanqamu.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.