Ngabe uNyatama neZinyoni bazovuka ngeChiefs?

UMusa Nyatama ocija iSwallows FC

 

UMusa Nyatama, ongumqeqeshi obambile kwiSwallows FC, unomsebenzi onzima wokubuyisa ukuzethemba kubadlali beZinyoni.

Okunzima kakhulu ngalokhu ukuthi kumele akwenze ngokuzama ukushaya iKaizer Chiefs emdlalweni womkhaya eDobsonville Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.

Lo mdlalo weDStv Premiership ungase uqinisekise ukuthi iZinyoni ziyazinza emsileni nomake Amakhosi awanyakazi endaweni yeshumi ahleli kuyona kwilogi.

OkweSwallows kuthanda ukuba nzima njengoba ibuya esibhaxwini sika 4-0 esithole kwiLamontville Golden Arrows ngaphambi kwekhefu leFifa. Lo mqhumela yiwona oholele ekutheni kuxoshwe obengumqeqeshi uDylan Kerr.

Ngaphambi kwalo mdlalo iZinyoni zishaywe yiStellebosch FC ngo 2-1. ISwallows isakwaze ukuwina imidlalo emibili kuphela kweyisishiyagalombili eyidlalile. Isidlale ngokulingana kwemibili yase ishaywa kwemine.

Ukuwina kweSwallows kungayenza ukuthi inyukele endaweni ka-11 kwilogi okuyinto engamphefumulisa uNyatama nabadlali bakhe.

Ngakolunye uhlangothi iChiefs nayo izozama ukuwina umdlalo wesibili kulandelana okuyinto esahlulekile ukuyenza selokhu kuqale isizini. Igcine ishaye iSuperSport United ngo 2-1 ngoSepthemba 17.

Ukuwina kwaMakhosi kungawanyusela endaweni yesithathu kwilogi, bese kuncika ekutheni izoshaya amagoli amangakhi nokuthi awekho yini azowadedela. Ngaphandle  kwalokho kukhona umdlalo ophakathi kwaMaZulu FC neRichards Bay FC ozocacisa ngesimo selogi ingakadlali iSwallows neChiefs.

Konke kuzohlaluka ngoLwesithathu ebusuku ukuthi uNyatama uzovuka ngeChiefs yini noma iyona ezomenza anganyakazi endaweni ka-16.

Sdina Ngubo

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *