Ngabe uphephile umsebenzi kaMaduka eMphithi?

UJohn Maduka ocija iMaritzburg United

 

UJohn Maduka oqeqesha iMaritzburg United uthi uphoxekile ngendlela abadlale ngayo bebhekene neMamelodi Sundowns ngoLwesibili eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.

ITeam of Choice ithelwe othulini Abafana Ba-Style ngo 5-0 kulo mdlalo weDStv Premiership nokuyiyona into edumaze uMaduka.

“Besikhulumile ukuthi akumele sibadedele kalula ngoba bayashesha bayakuhlawulisa kanzima uma bephethe ibhola,” kusho uMaduka ngemuva komdlalo.

“Yizinto ezenzekayo ebholeni lezi ngakho sizokwamukela sibheke phambili. Besishilo ukuthi akumele bagobe amabhola kalula ngakho ngidumele kakhulu.”

Okumele kumkhathaze kakhulu uMaduka ukuthi ngabe bacabangani abaphathi beqembu njengoba izinto zingahlangani okwamanje. Ukushaywa ngo 5-0 bedlalela eHarry Gwala Stadium kungabenza bashaye amakhala oFarook Kadodia nabanye abaphathi beqembu.

UMaduka ufike ekuqaleni kwesizini ezovala isikhala esivuleke kuhamba u-Ernst Middendorp. Ubesuka kwiRoyal AM lapho enze kahle ngesizini edlule eqeda endaweni yesithathu. Ngabe uphephile umsebenzi kaMaduka eMphithi?

Sdina Ngubo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *