Ngabe usekhonjwe indlela umqeqeshi kwiSwallows?

Ngabe usekhonjwe indlela umqeqeshi kwiSwallows?
UBrandon Truter
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuqubuke amahlebezi okuthi iSwallows FC seyihlukene nomqeqeshi wayo uBrandon Trutter.

La mahlebezi aqale ukusabalala ngoMsombuluko kusihlwa kanti kuvele ukuthi kuzobe kubambe uSimo Dladla emdlalweni olandelayo.

Imizamo yeMpempe yokuthola ubuqiniso balama hlebezi ayiphumelelanga njengoba abeSwallows bebengatholakali.

Ngisho usihlalo wayo, uDavid Magashoa ovamise ukuphikisa izinto ezingelona iqiniso ezinkundleni zokuxhumana ubenyamalele ngoMsombuluko.

Nalo iqembu uqobo belithe cwaka kungekho lutho elishoyo noma selibuzwa ngala mahlebezi.

Kusuka lokhu kukhuluma nje kulandela ukuthi iSwallows ingayiqalanga kahle isizini njengoba seyishaywe emidlalweni emibili kulandelana.

Isibhaxu sika 3-0 esithole kwiSuperSport ngeSonto kusolakala ukuthi yisona esisukumise abaphathi babona kukhona okumele bakwenze.

“Engikwaziyo wukuthi bekunomhlangano oshubile lapho bekunezinto ezithile ezingale kwalokhu okuhlale kuxowa ngemuva komdlalo ebezizobekwa etafuleni.

“Bekuvele kunozinkonondo ezikhona ngaphakathi kuwukuthi phela izinto bezisahamba kahle ngakho bezizibeka.

“Angikholwa kodwa ukuthi bengamxosha, mhlawumbe uzomiswa nje kuzanywe ezinye izindlela zokulungisa isimo,” kusho umthombo osondelene naleli qembu.

FUNDA NALA: UMotswari umisiwe kwiPirates ngemuva kokuboshelwa icala lokushaya

Omunye umthombo uthe uzoziqinisekisa kahle lezi zindaba ngoLwesibili emini uma usubonile ukuthi kwenzakalani ejimini.

“Inkinga namuhla (ngoMsombuluko) bekungajinywa ngakho kunzima ukwazi kahle kodwa khona iyahletshwa leyo ndaba naseqenjini,” usho kanje.

Impempe izolokhu icuthise indlebe ukuzwa okwenzekayo bese ikubikela ngesikhathi nje kwenzeka.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.