Ngabe Usuthu luzigxoba obhozo ngokulanda uZuma noMhango?

UDumisani Zuma
Sihle Ndlovu

Ukuba nesibindi kwaMaZulu FC ngokulanda abadlali ababili abahluphayo, uDumisani Zuma noGabadinho Mhlango, kungaba nemiphumela emihle noma emibi ekugcineni.

UZuma obekwiKaizer Chiefs uhluphe kakhulu ngotshwala laze lagcina limkhombe indlela leli qembu laseNaturena. Ngesizini edlule uZuma uvele ekomitini leChiefs eliqondisa ubugwegwe kabili. Uze wayiswa nasesikhungweni sokuhlumelelisa izimilo kodwa kwangalunga.

Awukho umehluko phakathi kwakhe noMhango ogcine eselizwa ngendaba ijezi kwi-Orlando Pirates ngesizini edlule. Naye lo mgadli waseMalawi kuvela ukuthi uyazifela ngamambawu.

Ngesizini edlule kuke kwavela ukuthi uMhango ufike ekilabhini wabudlonya ethengela namantombazane utshwala. Kuthe uma sekufanele akhokhe ayangaqhamuka imali nokwenza ukuthi agcine engadedelwanga kuze kube uyakhokha.

Usihlalo woSuthu, uSandile Zungu, useke waphawula ngalaba badlali futhi naye uyazi ukuthi babuye bahluphe.

“Nakanjani uma uZuma eza kuMaZulu kumele sikubeke emqondweni ukuthi iqembu lakhe abalidlalela belithini ngaye,” kusho uZungu.

“Sizokhuluma ngendlela eqondile bese silindele ukuthi azinikele. Siyamthanda uZuma futhi wonke umuntu uyazi ukuthi unekhono elingakanani nokuthi udabuka KwaZulu-Natal.

“Labo abazobe bekuMaZulu ngesizini ezayo kumele bazi ukuthi akukhona eholidini lapha. Into esingayilindele ukuthi umuntu ojoyina AmaZulu aqhubeke nokuzicekela phansi. Akukhathelekile ukuthi uDumisani Zuma noma uGabadinho Mhango.”

AmaZulu azama ukwakha kabusha iqembu njengoba esanda kuchitha abanye abadlali. Akwaziwa nokho ukuthi Usuthu luthathe isinqumo esiphusile yini ngokulanda laba badlali abababili abadume ngokuthanda utshwala.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.