Ngabe uzoyiwina neMorocco le Afcon ayihalelayo uPitso

Ngabe uzoyiwina neMorocco le Afcon ayihalelayo uPitso
UPitso Mosimane okhonjwa ekuqeqesheni iMorocco
Sbongs Gumbi

Ukuveza kukaPitso Mosimane ukuthi uselobizela isicoco seCaf Africa Cup of Nations (Afcon) kufane nokuqinisekisa ukuthi umsebenzi olandelayo azowenza wukuqeqesha iqembu lesizwe.

Kuvele kunamahlebezi okuthi uMosimane ufunwa yinhlangano ephethe ibhola eMorocco ukuthi azoqeqesha iqembu lesizwe.

Ngaphezu kwalokho, nabalandeli be-Al Ahly e-Egypt bayakhala ngaye, bafisa ukuba abuye njengoba iqembu labo lidonsa ngodizili kusukela ashiya kulo.

Kodwa ke kubukeka lokho kungeyona into esezinhlelweni zikaPitso njengoba yena ethi usalijabulele ithuba lokuphumula njengoba engaqashwe ndawo okwamanje.

“Kuhlezi kukhona la sifuneka khona, inkinga wukuthi besisadinga ukuhlaba ikhefu okwesikhashana,” kusho uPitso kwabezindaba.

Ubekhuluma ngemuva kokuthola izicucu zakhe zakamuva zokuqeqesha zeCaf Pro Licence ngoLwesine ntambama.

“Ukukhuluma iqiniso nje bengilidinga ikhefu. Isingu-21 iminyaka (ngisebenza). Bengihlale ngikhuluma ngokuphuma ebholeni isikhashana kanti manje yilelo thuba.

“Kumnandi impela ukuba sekhaya. Inhliziyo vele ihlale ilobizela ukubuyela ebholeni kodwa kumele kuqhamuke umsebenzi ofanele.

FUNDA NALA: UParker ucacise okumenze wadikila kwiSuperSport waya kwiTS Galaxy

“Ngeke uthi ushiye eqenjini obuzongena nalo kowamanqamu kwiChampions League bese uyodlala kwiFifa Club World Cup bese uthatha noma yini evelayo.

“Uzotholani wena? Uyayizwa lento engizama ukuyisho… Impela ikhona imisebenzi esinxenxelwa kuyo, kowa sizokhetha ofanele.

“Ngingawemukela nowokuqeqesha iqembu lesizwe ngoba vele into engingakayiwini lapha ezwenikazi yi-Afcon. Sengifuna i-Afcon manje,” kuchaza uPitso.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *