Ngabe yibaphi onozinti abazokhuhla ibhentshi kwiSundowns?

UTlhopi Motsepe emukela uRonwen Williams kwiSundowns
Sihle Ndlovu

Ukusayina kukaRonwen Williams kwiMamelodi Sundowns kushiya imibuzo engase iphenduleke kuphela uma sekuqale isizini entsha yeDStv Premiership.

Lo nozinti obevimbela iSuperSport United isikhathi eside, usayine inkontileka yeminyaka emihlanu naBafana Ba-Style ngoLwesine ntambama. Umbuzo omkhulu owokuthi ngabe ubani ozoba ngunozinti ohamba phambili kwiSundowns kule sizini ezoqala?

Ngabe uDenis Onyango noKennedy Mweene sebezolizwa ngendaba ijezi njengoba sekufike lo kaputeni weBafana Bafana eChloorkop? UReyaad Pieterse yena izothiwani eyakhe? Impempe iyakuqonda ukuthi uRicardo Goss yena uzophambana noWilliams ayodlala kwiSuperSport ngesizini ezayo.

Nokho uWilliams ubona ethathe isinqumo okuyisona ngokufudukela kwiSundowns esuka komakhelwane iSuperSport.

“Ngiyazi ukuthi iMamelodi Sundowns imataniswa nokuba ngompetha nokuwina izindebe. Nokho nami angihlukile kakhulu kulokho,” kusho uWilliams ngemuva kokusayina eChloorkop.

“Ngicabanga ukuthi ngenze kahle kakhulu eqenjini lami eminyakeni edlule. Ingcindezi izohlala ikhona kodwa iyonanto engiyilungele nengiyibhekile.”

Okuqinisa kakhulu idolo uWilliams ukuthi baningi abadlali aseke wadlala nabo azobafica kwiSundowns.

“Kunabadlali abafana noLyle Lakay, uKermit Erasmus, uTebogo Mokoena, uSipho Mbule, kanti ngike ngaziqeqesha noDenis Onyango ngisengumfanyana. Kukhona noReyaad Pieterse (adlalile naye kwiSuperSport). Yinto enhle ukuthi sizophinde sivuselele ubudlelwano bethu,” kusho uWilliams.

“Ngikhulumile nabaningi babo ngifuna izeluleko bonke bakhuluma kahle. Bonke bathe angize ngijoyine, ngakho kumnandi ukuba lapha nokubona ubuso obujwayelekile.”

UWilliams uphethe ngokubonga emndenini weSuperSport ngokumphatha kahle yonke le minyaka edlala khona. Kuyaqondakala nokho ukuthi iSundowns isazochitha abadlali abalinganiselwa kwabahlanu ngakho kungenzeka ukuthi kuzobe kukhona nonozinti kubona.

Ngabe uWilliams uthathe isinqumo esikahle ngokuyoncintisana no-Onyango benoMweene kwiSundowns? Akusezinsuku zatshwala kuhlaluke lokho.

Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.