Ngabe yini eyaxosha uShabba kuMaZulu?

USiphiwe Tshabalala
Sihle Ndlovu

Ukuhamba kukaSiphiwe Tshabalala kuMaZulu FC kushiye abanye abalandeli beshaqekile ukuthi ngabe kwenzekeni.

Leli nxele elidume kakhulu kwiKaizer Chiefs, lapho lihlale khona iminyaka, lishiye kuSuthu ekuqaleni kwesizini kwangacaca ukuthi kwenzenjani. Yebo bakhona abadlali abebesayiniswe AmaZulu ngesikhathi kudedelwa uTshabalala kodwa okuxakile ukuthi uBenni McCarthy obecija Usuthu ubesakhala ngokufuna abanye abadlali.

Ngaphansi kukaMcCarthy obeqesha Usuthu, uTshabalala uqale umdlalo owodwa kuphela, wangena komunye esuka ebhentshini. Usuthu lube nesizini engeyinhle ka-2021/2022, kanti belungawasebenzisa amava omdlali ofana noTshabalala.

Ngesikhathi ebuzwa mayelana nalokhu uTshabalala uzwakale engafuni ukuthinta le ndaba.

“Ngeke ngikwazi ukukhuluma ngalokho okwamanje, yinto engiyokhuluma ngayo ngelinye ilanga,” kusho uTshabalala oyinxusa leNedbank Cup ka-2022 kule sizini.

Umbuzo omkhulu ukuthi kanti ubani olethe uTshabalala kuMaZulu njengoba bekubukeka sengathi uMcCarthy akayingeni eyokudlalisa lo mdlali waze wahamba.

Eminyakeni engu-36 anayo uTshabalala ubesangayidlala okungasenani isizini eyodwa. UBenni ubemdlalisa uTsepo Masilela obengomunye wabadlali abadala eqenjini ngaleso sikhathi. Iqembu belidlala nakwiCAF Champions League kanti uBenni ubebuye akhale ngokuthi akanabo abadlali abaningi akhetha kubona.

Ukungahambi kahle kwezinto kuSuthu kugcine ngokuthi kuxoshwe uMcCarthy emasontweni edlule. Njengamanje kubambe uBrandon Truter njengomqeqeshi kuze kuze kuphele isizini.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.