Ngazalelwa ukwenza kona lokhu, kusho uZwane weChiefs

U-Arthur Zwane
Sibongiseni Gumbi

Igama lesibili lomqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, u-Arthu Zwane, nguJabulani futhi uthi yilokho aazalelwa ukukwenza eqenjini.

UZwane wethulwe ngokusemthethweni njengomqeqeshi okunguyena ozohola leli qembu elesekwa kakhulu eNingizimu Afrika kule minyaka emithathu ezayo. Uzosizwa umuntu asesebenze naye isikhathi eside uDillion Sheppard.

Laba bobabili babekwe njengabaqeqeshi ababambile ngemuva kokuxoshwa kukaStuart Baxter emasontweni ambalwa edlule, futhi bazamile ukuzimazisa iqembu. UZwane ubelokhu ekhuluma ngokushintsha izinto eqenjini nokuthi lidlale ngendlela yeKaizer Chiefs eyaziwayo.

Njengamanje uyena ophethe, wazi kahle ukuthi lona akuwona umsebenzi olula kodwa ukholwa ukuthi wazalelwa ukuwenza.

“Ngeke kube lula neze kodwa sifuna ukubona ukumamatheka kubalandeli uma beza enkundleni ukuzobuka iqembu bajabulele nomdlalo, bajabulele umdlalo,” kusho uZwane ngemuva kokwethulwa ngoLwesine.

Ngesikhathi ngikhula ngangiwumlandeli weChiefs nePirates ngenxa yendlela ababedlala. Yikho nje ngangifuna ukuba yingxenye yala maqembu futhi ngamandla kaMdali ngawadlalela womabili. Kwakuyiphupho lami.”

UZwane useke waba nalo ithuba lokushiya iChiefs ayoqeqesha kwenye indawo kodwa uthi uhlale kwiChiefs ngoba bekuwubizo lwakhe ukuthi aqeqeshe leli qembu elikhulu laseSoweto.

“Uyazi uma uMdlali esevumile akekho ongakuphikisa lokho.Ngiyakholelwa kakhulu ezintweni ezinhle. Sengike ngababona abantu beshintsha izinto. Abantu ababengelutho abaphenduka amaqhawe ngenxa yalokho ababefuna ukukuzuza. Bakhombisa ukuzinikela nokuzikhandla.”

“Ngikholwa wukuthi ngingomunye walabo abalinde ngesineke iminyaka eminingi. Nangesikhathi ngisadlala emazingeni aphansi nganginakho ukuthi ngitshele abadlali abasebancane ukuthi ‘ngizoba umqeqeshi waleliya qembu, angazi nini kodwa nakanjani futhi ngizophumelela.’ Ngakho kukuwena ukuthi uhamba nami noma usala ngemuva

“Ekugcineni uthola imiphumela ngokuzinikela. Lona umdlalo ongekeuwurobhe, futhi umdlalo ongazivumeli izindlela ezinqamulelayo. Uthando abangikhombise yilona olwenze ukuthi ngihlale. Ngesikhathi ngifika lapha eminyakeni engu-22 edlule bangifundisa izinto eziningi.

“Ukuzehlisa, yinhlonipho…ngangiwumuntu ohlukile ngaleso sikhathi. Ukubona usihlalo ukuthi wayezenza kanjani izinto eyisibonelo eshumayela ivangeli lokuthula noxolo. Lokho kulokhu kunkeneneza ezindlebeni zami…ngazalelwa lokho.”

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.