Ngeke idliwe yizembe iChiefs: Akpeyi

Sihle Ndlovu

Unozinti weKaizer Chiefs, uDaniel Akpeyi, uthi iqembu ngeke lidliwe yizembe njengoba abanye abathandi bakanotshuzwayo eNingizimu Afrika sebeqala ukusho kanjalo.

IChiefs akuyihambeli kahle selokhu kuqale isizini ka-2020/2021. Isendaweni ka-14 kwi-log yeDStv Premiership, kanti isakwaze ukuwina umdlalo owodwa kuphela kweyisishiyagalolunye esiyidlalile. Isidlale ngokulingana kwemine yaphinde yashaywa kweminye emine.

Nokho u-Akpeyi uthe bazokushintsha konke lokho ngoba abafuni ukwenzela phansi iqembu elikhulu kangaka.

“Kufanele ukuthi lonke izwe nabalandeli beChiefs bakhathazeke ngesimo seqembu njengemanje, ngoba kubukeka sengathi izinto azihlangani. Yiqembu elikhulu futhi yi-brand enkulu. Asifuni ukuziphoxa, siphoxe neqembu ngokunjalo.Into engingayisho ukuthi leli qembu ngeke lidliwe yizembe. Singabadlali sifuna ukushintsha izinto emdlalweni olandelayo. Ukudliwa yizembe yinto esingakhathezekile ngayo njengamanje,” kusho u-Akpeyi.

IChiefs izobhekana naMaZulu emdlalweni weDStv Premiership eJonsson Kings Park ngoLwesithathu ngo-3 ntambama. U-Akpeyi ukholwa ukuthi bangawaguqula amatafula kulo mdlalo.

“Engifuna ukukusho ukuthi ngokomqondo kumele siqine njengamanje njengoba siya emdlalweni wethu olandelayo. Sinabadlali abasezingeni eliphezulu iqembu elithembele kubona kodwa ngesinye isikhathi siyaziphoxa. Emdlalweni olandelayo waMaZulu sizokhipha konke esinakho. Sekuyisikhathi sokuthi sizenze sijabule nathi,” kugcizelela u-Akpeyi.

IChiefs ishaywe yiMaritzburg United ngo 2-0 ngoMgqibelo, kanti Usuthu ludlale ngokulingana ngo 1-1 neBloemfontein Celtic ngeSonto.

“Kusukela ekuqaleni kwesizini awukho umdlalo obulula kithina. Emdlalweni odlule AmaZulu enze kahle kakhulu ebuya kade eshaywa ngo 1-0 umdlalo waphela ngo 1-1. Wonke amaqembu abuka isimo sethu bese acabange ukuthi azothola amaphuzu amathathu uma edlala nathi. Nokho singabadlali senza konke ukuqinisekisa ukuthi emdlalweni olandelayo sifuna ukwenza kangcono,” kusho u-Akpeyi.

Kuzocaca ngoLwesithathu ukuthi umqeqeshi uGavin Hunt uzolishintsha yini iqembu elishaye udaka libhekene neTeam of Choice ngempelasonto.