Ngeke iphinde ikhohlwe iStellies ivuthulula iSundowns kabuhlungu

Ngeke iphinde ikhohlwe iStellies ivuthulula iSundowns kabuhlungu
OkaDonga Gumbi

Kube wukusuku olukhethekile ngokusho komqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker ngesikhathi bebhuquzisa iMamelodi Sundowns ngo 3-0.

Leli qembu laseKapa liqophe umlando liba ngelokuqala eminyakeni cishe emithathu ukushaya amagoli angaphezu kwamabili kwiSundowns.

Lokhu likwenze ngesikhathi libukisa ngayo phambi kwabalandeli bayo eLoftus Versveld emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama.

Akekho obelindele ukuthi iSundowns ingashaywa, okokuthi ize ishaywe ngamagoli amathathu wonke yona ingatholi nelilodwa bekungathiwa udinga usizo lwengqondo uma bewungakucabanga lokho.

Yingakho noBarker engakholwa namanje ukuthi ngampela iStellies ibhabhadise iSundowns ngale ndlela.

“Kulo lonke iqembu, lolu wusuku olukhethekile, ukwenza lento esiyenzile ngalaba bafana abancane, sikwenzela ekhaya layo iSundowns ngokuyishaya ngo 3-0,” kusho lo mqeqeshi.

“Sayiqala kahle le sizini, sadlala imidlalo engu-11 singayazi induku kodwa kwabuye kwabhimba maphakathi nayo.

FUNDA NALA: I-PSL ikhonga utalatiya ngokungacacise ngezikhala zeCaf

“Kodwa sesiyiqeda ngegiya eliphezulu. Sisenomdlalo esizobhekana kuwo neCape Town City kodwa sesivele sikufezile ebesikuhlosile kule sizini.

“Besihlose ukuqeda ngaphakathi emaqenjini ayisishiyagalombili aqeda phezulu kwilogi. Manje sesingazama ukwenyuka sibone siphelelaphi.

“Bekuwusuku olukhulu lolu kithi,” kuchaza uBarker. U-Ashley Du Preez ugadle kabili kwathi uJaydon Adams naye walibhalisa elakhe igama kwabashye amagoli kulo mdlalo.

Indlela eshaywe ngayo iSundowns ngisho umqeqeshi wayo uRulaniMokwena uyivumile induku wathi ezinye izinto zenzeka ngoba zidaliwe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *