Ngeke isakuvumela ukushelela iLeopards efuna iBucs estikini

UBen Motswari

OKADONGA GUMBI

Iyaxaxama kancane iBlack Leopards esemsileni kwiDStv Premiership njengoba isondela kancane emaqenjini angenhla kwayo kwilogi.

Njengamanje iLidoda Duvha isele ngamaphuzu ayisithupha kwiChippa United engenhla kwayo, kanti lokhu kumqinisa idolo umqeqeshi, uLehlohonolo Seema.

“Le midlalo esisele manje isifana neyamanqamu kithi. Sisalelwe imidlalo emihlanu, okusho ukuthi kunamaphuzu angu-15 okumele siwalwele,” kusho uSeema.

Uma ingakwazi ukuphida izimanga eyazenza eVenda ngasekuqaleni konyaka, la yashaya khona i-Orlando Pirates ngo 2-0, ingazithola seyinethuba elingcono lokugcina iphumile kulolu daka ebhajwe kulo.

La maqembu azogadulisana e-Orlando Stadium ngoLwesine ngo-5 ntambama kanti amaphuzu abaluleke ngokufanayo kuwo womabili amaqembu.

“Kumele sihlelele umdlalo ngamunye manje. Asinalo iqhinga esingabalekela ngalo izembe ngaphandle kokuthi sibheke umdlalo ngamunye, sidlalele ukuwina.

“Yilokho esesikubhekile. Asikasuki endaweni ebesikuyo kwilogi kodwa igebe siyalivala kancane. Yingakho ngithi kubalulekile ukuthi sibheke umdlalo ngamunye,” kusho uSeema.

IPirates nayo izobe iwafuna ephelele amaphuzu ukuze igcine ikwazile ukuqeda endaweni yesibili njengoba ihlose ukuyodlala kwiCAF Champions League ngesizini ezayo.

Izobe ifuna nokukhipha isibhongo kwazise ishayeke kabuhlugwana emdlalweni wayo wokugcina neMamelodi Sundowns ngempelasonto edlule.

Empeleni nje iwini alisayazi leli qembu laseSoweto njengoba emidlalweni emine edlule lishaywe kabili, ladlala ngokulingana kabili.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *