Ngeke isawudedela umgqigqo iMaritzburg

UPhumlani Ntshangase

OKADONGA GUMBI
Kubukeka liphenya kwiMaritzburg United njengoba leli qembu elizingelwa yizembe seliwubambile umgqigqo ongalisiza liphunyuke kule ngcuphe elikuyo.
Emdlalweni yayo emithathu edlule, iBlue Hearts, iqoqe amaphuzu amahlanu njengoba ishaye iBlack Leopards yabe seyidlala ngokulingana neKaizer Chiefs neBloemfontein Celtic.
Yize isahleli endaweni yesibili ukusuka emuva, umdlali waleli qembu laseMgungundlovu osanda kubuya ekulimaleni, uPhumlani Ntshangase uthi amathunzi ayewukela.
“Kuhle lokhu eqenjini ngoba siyayidinga into ezosifaka umfutho. Umzuliwswano wokuqala bewunzima kakhulu kodwa sesidlulile lapho manje,” kusho uNtshangase.
“Sesisemzuliswaneni wesibili manje kanti kubukeka kuza kahle njengoba sesiwine owodwa, sadlala ngokulingana kwemibili.
“Kodwa ke midlalo esiyidlale ngokulingana besingayiwina siwole amaphuzu amathathu. Lokho kusinika ithemba.
“Kusinika ukugqugquzeleka nomfutho njengoba sezibheke phambili nje,” kuchaza yena.
IMaritzburg izogadulisana neTS Galaxy eMbombela Stadium ngoMgqibelo ngo 5 ntambama emdlalweni weDStv Premiership.
“Umqeqeshi usebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi sifithi, futhi siyayiqonda indlela yokudlala yeqembu, ngakho yonke into ibukeka ime kahle.
“Siyakudinga ukubashaya. Basishaya ngo 1-0, kwakunamaphutha amaningi esawenza engawaqaphela kulo mdlalo wasekhaya.
“Kodwa sesiwubuyekezile lowo mdlalo nabaqeqeshi uPaul (Lamb) no-Ernst (Middendorp), ngakho siyakwazi okumele sikwenze.
“Sinecebo futhi sekushoda singene enkundleni silisebenzise, sinciphise amaphutha afana nesawenza emdlalweni wokuqala.”

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.