‘Ngeke lidluliselwe phambili icala leChiefs’

Sihle Ndlovu

Isinqumo sikamehluleli ozimele, odabeni oluthinta iKaizer Chiefs, ngeke siphikiswe yimuntu futhi akekho ozodlulisela icala phambili.

Lokhu kutholwe yiMpempe ngomthombo wayo othembekile ngemuva kokuthi sekuqubuke ukudideka mayelana nalesi sinqumo.

“Akekho ozodlulisela phambili isinqumo kulolu daba oluthinta iKaizer Chiefs,” kusho umthombo.

“Konke lokhu obulokhu ukufunda kubikwa abezindaba kungamahlebezi nje nokuqagela.”

Ngeledlule umehluleli ozimele u-Advocate Nazeer Cassim, ukhiphe isinqumo esivuna iChiefs mayelana nokungayidlali imidlalo emibili yeligi ngoDisemba.

Uthe kwakungafanele iqhubeke imidlalo eyayizoyidlala neCape Town City kanjalo neLamontville Golden Arrows, ngoDisemba, ukuvikela abanye kwiCovid-19 eyayihlasele eNaturena ngaleso sikhathi.

NgoLwesithathu iChiefs ikhiphe isitatimende lapho ithe lolu daba selungamane lufike ezinkantole eziphezulu uma iPremier Soccer League (PSL) ingasemukeli isinqumo.

Ithe bese izwe ngandlebenye ukuthi isigungu esiphezulu sePSL, sinqume ukudlulisela phambili isinqumo sikamehluleli.

UZola Majavu, ongumshushisi wePSL, wayevele ekugcizelele ukuthi isinqumo sikamehluleli siyoba ngujuqu futhi ngeke basiphikise. Wathi babezojezisa iChiefs kuphela uma sivune bona.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.