Ngeke ngiphawule lutho ngoNjabulo Ngcobo, kusho oweSwallows

Ngeke ngiphawule lutho ngoNjabulo Ngcobo, kusho oweSwallows
USipho Sibiya
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kusobala ukuthi iSwallows FC yakhubazeka kakhulu emuva ngemuva kokudedela uNjabulo Ngcobo waya kwiKaizer Chiefs.

Nokho umqeqeshi wayo obambile uSimo Dladla uthe ngeke asho okuningi ngoNgcobo ngoba yena ubengekho kuleli qembu ngesizini edlule.

URoad Block ubeyisivimbamgwaqo sangempela emuva kwiDube Birds waze waqokwa ngengomdlali wasemuva ovelele ekupheleni kwesizini.

Selokhu ehambile leli qembu liyehluleka wukuvala isikhala sakhe. Kuthe kusenjalo laphinde lalinyalelwa nanguWandisile Letlabika lasala lembuleke izinqa.

USipho Sibiya noJunaid Saait abakahlangani kahle okwenza ivele ivuzise okwembawula emuva iSwallows esingenelwe amagoli ayisikhombisa emidlalweni emithathu edlule.

Ebuzwa ngokungavalwa kwesikhala sikaNgcobo, uDladla akafunanga ukukhuluma kakhulu cishe enzela ukuvikela abadlali abakhona njengamanje ukuthi bengezwa sengathi uyabagxeka.

“Ngeke ngikhulume kakhulu ngoNjabulo Ngcobo nendlela abesiza ngayo eqenjini ngoba bengingekho ngesizini edlule.

“Nokho ngicabanga ukuthi sivale kahle emuva ikakhulukazi kulo mdlalo odlule (ngaphambi koweCape Town City).

“Ngicabanga ukuthi nakuwo lona (weCity) sivale kahle emuva emizuzwini engu-40 yokuqala. Kumele sizame ukubamba umgqigqo owodwa nje.

“Angicabangi ukuthi kukhona okukhethekile iCity ekwenzile ukusifaka ngaphansi kwengcindezi emuva, abadlali bethu nje abavele badembesela.”

ISwallows ifana nomuntu othe ebalekela amafutha abilayo ebhodweni wavele wawela emlilweni njengoba izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni olandelayo.

Lezi zinkunzi zizogadulisana emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Versveld ngeSonto ntambama.

ISundowns ayithetheleli kanti uPeter Shalulile ngathi usanda kuqala ukwazi ubumnandi bokubhakuzisa inethi ngendlela akuthanda ngayo.

FUNDA NALA: Isisheshe yamthola ozovala isikhala sikaDa Gama iTS Galaxy

Njengoba kuzivuzela nje emuva kwiSwallows, kuyacaca ukuthi uSha-Sha uzobe esina ezibethela nje.

Kodwa uDladla uthi akasiboni isidingo sokwenza izinguquko eziningi yize kungenzeka abuyise uLetlabika emuva.

“Kulesi sigaba esikuso iligi ubheka isikhathi umdali ngamunye asesidalile, ubheke isimo sabo sokulungela ukudlala.

“Kumele ube nabadlali abakulungele ukulwa umdallo uze uphele. Akumele uvele ugxumele ukwenza izinguquko.

“Thina sidinga ukujika ukuzinikela kwethu, sidinga ukujika ukucabanga nezinhliziyo zethu. Sidinga ukuba nabadlali abazofaka unyawo noma ngabe selubuhlungu.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.