‘Ngeke siqophisane nabo,’ kusho oweSafa ngokushiwo iGhana FA

'Ngeke siqophisane nabo,' kusho oweSafa ngokushiwo iGhana FA
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Isikhulu esiphezuku kwiSafa uTebogo Motlanthe uthi bona ngeke baqophisane namazwi neGhana Football Association (iGhana FA).

Lokhu kulandela ukuthi iGhana FA ikhiphe isitatimende isola iSafa ngokutetema ngokufaka kwayo isikhalazo ngokuhlulwa kweBafana Bafana yiBlack Stars.

ISafa isola ukuthi unompempe nguye osize iBlack Stars ishaye iBafana ngo 1-0 bese iyikhipha emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

IGhana ishiye engalazi kwiSafa ithi ayifunde ukwamukela imiphumela iyeke ukuzama amaqhinga angasile.

Kodwa uMotlanthe uthi iGhana FA iyibambe emsileni indaba, ayazi ukuthi ikhuluma ngani.

IGhana FA isole iSafa ngokuthi isikhala nangokuthi yahamba amahora ayisishiyagalolunye ukuze ifike enkundleni.

Ithi kuyafaka lokhu ngoba yayikwazi ngaphambi kokuthi iye eGhana kwazise yake yadlala khona phambilini.

Lokhu kuvezwe umqeqeshi weBafana uHugo Broos okhale ngesikhathi abasichitha esikhumulweni sezindiza behlolelwa iCovid-19.

Uphinde wakhala nangohambo lwabo olube lude wathi kubagqilazile abadlali bakhe.

“ISafa ayikaze ithi inenkinga namahora ayisishiyagalolunye. Umqeqeshi wathi kube amahora amathathu (okuhamba) namabili ( abawahlale esikhumulweni sezindiza).

“Ngeke ke sisole iGhana ngalokho – imithetho yasezweni labo nabo abebengeke bayijikele thina,” ucashunwe esho kanje uMotlanthe kwiSowetan.

“Kodwa thina esizokusho wukuthi asilinde iFifa iqede owayo umsebenzi, bese samukela futhi sihloniphe isinqumo sayo.

FUNDA NALA: UNdah ufuna izicoco kwiBucs, uthi basangayilwela iligi

“Lokhu okushiwo yiGhana FA esitatimendeni kumuncu futhi kuyishwa nje ngoba kukhona nokungelona iqiniso kukho.

“Asizange sifake sikhalo thina kwiGhana FA ngokuphatheka kwethu eGhana… Bona bafunde izindaba ezingeqiniso base becabanga ukuthi zisuka kithi.”

Kuke kwagcwala izithombe ezinkundleni zokuxhumana la abadlali beBafana bebebonakala bezilandela izikhwama enqoleni ezisusa endizeni.

Ngokujwayelekile kuba yizisebenzi zasesikhumulweni sezindiza ezithula izikhwama bese zizihambise la abadlali bezozithola khona kalula.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.