Ngibakhumbuze umsebenzi wabo abadlali, kusho uMosimane we-Al Ahly

Ngibakhumbuze umsebenzi wabo abadlali, kusho uMosimane ngemuva kokushaya i-Esperance
UPitso Mosimane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UPitso Mosimane we-Al Ahly useveze isizathu esenze qembu lakhe labonakala liphelelwa ngamandla ngasekupheleni komdlalo walo ne-Esperance. La maqembu abegadulisana emdlalweni womlenze wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu kwiCAF Champions League. Kunqoba ezikaMosimane ngo 1-0.

Nokho umdlalo uphele sezibambelele ngesidindi lezi zinkunzi zaseTunisia zisho ukumuka nayo. UMosimane uthi akabasoli abadlali bakhe ngokuphelelwa ngamandla ngasekupheleni komdlalo ngoba uyasazi futhi uyasiqonda isizathu salokho.

“Into eyenze kube nzima wukuthi iqembu beligcine ukudla kusasele amahora amathathu ngaphambi komdlalo. Umdlalo ube sewuhlehliswa ngehora, okwenzwe ngaba ngamahora amane okwenze saphelelwa wumdlandla emizuzwini yokugcina esiwombeni sesibili,” ucashunwe esho kanje uMosimane ngabeKingfut.

Into eyenze umdlalo uhlehliswe isikhathi esiyihora wukuthi kube nezidubedube ngaphambi kokuqala kwawo, amaphoyisa aze asebenzisa isisi esikhalisa unyembezi ukulawula abalandeli be-Esperance.

“Asizange sithi sizokwenza lokho kube yihhawu esivika ngalo. Bekumele sigxile emdlalweni, lokho angikusho ngoba nakhu sesiwinile. Ngibacelile abadlali ukuthi behlise umoya ngoba okwabo wukudlala ibhola, hhayi ukunaka okunye okwenzekayo,” kuchaza uMosimane.

“Sikhulumile nabadlali ngaphambi komdlalo sizama ukubafaka umdlandla. Lokhu kwenzeke ngosizo lukaMohamed El-Shennawy, Saad Samir noSayed Abdel-Hafiz.

“Akumina nje ngedwa, ngisebenza neqoqo labantu abazimisele. Ngihlale ngibatshela abadlali ukuthi siyiqembu elihlangene kahle eliqinile. Sengike ngayibona i-Al Ahly iwina kukhoba abadlali abamqoka abangekho.

“Akunandaba ukuthi kudlala bani. Ngike ngabanjwa yiCorona, angangaba khona emidlalweni kodwa iqembu lawina. U-El-Shennawy ubengekho sidlala owomkhaya baseCairo neZamalek kodwa iqembu lawina.

U-Afsha naye uke akangaba khona, sawina. Iqembu yilona elibalulekile okudlula abantu ngamunye,” kuchaza uMosimane. Sekusele i-Al Ahly iqedele umsebenzi ekhaya. Makhulu amathuba okuthi uMosimane aphinde abuye naleli qembu kuleli njengoba kungenzeka adlale owamanqamu neKaizer Chiefs.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.