UNcikazi akachazekile nge-Arrows, kodwa weneme ngamaphuzu

Abadlali beGolden Arrows bejabulela igoli bebhekene neSuperSport United

SIHLE NDLOVU

Akeneme ngendlela abadlale ngayo umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uMandla Ncikazi kodwa ujabule ngokuthi babuye nawo amaphuzu amathathu ePitoli.

Abafana Bes’thende bashaye iSuperSport United ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership, eLucas Moripe Stadium, ngoLwesithathu. Lokhu kuqoqa amaphuzu amathathu kwenze banyukela endaweni yesibili kwi-log.

I-Arrows inamaphuzu angu-41 (alinganayo nawaMaZulu, kuhluke amagoli) kanti ilandela abavikela isicoco seligi iMamelodi Sundowns eqhwakele ngamaphuzu angu-47. Akusekho ukungabaza ukuthi womabili la maqembu aKwaZulu-Natal azoqeda kwiTop 8 futhi yiwona abukeka ezosukela iSundowns kuze kube sekugcineni.

“Ngijabule ngokuthi sigcine siyishayile intambo. Bekungewona umdlalo wethu omuhle kodwa lesi yisikhathi sesizini lapho ubumqoka bomdlalo omuhle buphazanyiswa yilokho okumele sikuzuze. Ngicabanga ukuthi namuhla omunye waleyo midlalo lapho besifuna ukuwina kuphela.

“Kusamele ngithole indlela yokubhekana nokufuna ukuvala kwasani emuva eqenjini lethu, lapho kuthi uma sike sashaya igoli bese sihlala emuva kakhulu. Kuncono kakhulu ukulandela umdlalo ngoba uma silandela ngemuva sikahle kakhulu.

“Ngicabanga ukuthi abadlali bafake umfutho kakhulu kulo mdlalo kodwa ngokomdlalo omuhle besingelona iqembu elifanayo. Nokho kumele sibonge ukuthi siwatholile amaphuzu aphelele. Kumele siqale sisebenze eqhingeni elilandelayo njengoba sesinawo amaphuzu. Ngiyajabula ukuthi sidlulela esigabeni esilandelayo namaphuzu emgodleni. Kodwa kumele senze kancono kunalokhu,” kwenaba uNcikazi ngemuva komdlalo.

Emdlalweni olandelayo Abafana Bes’thende bazobhekana neChippa United eNelson Mandela Bay Stadium ngeSonto ntambama.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *