UMBONO
UBHALWE: Thulisile Miya
ISITHOMBE: Twitter
Njengoba lithuthuka kancane kancane ibhola labesifazane kuleli, kufanele sincome uma kukhona esikubonayo okuhle okwenzekayo.
Kuyangijabulisa ukubona indlela iqembu labesifazane leMamelodi Sundowns eliphethwe ngayo.
Ngikhuluma nje kule mpelasonto esiya kuyona kuzobe kudlalwa imidlalo yokuqala ngqa yeChampions League
ebholeni labesifazane e-Afrika.
Leli qembu lizobe lisimele libhekene namanye amaqembu aphuma kwamanye amazwe khona la eThekwini.
Ekuqaleni kwale nyanga sibone abaxhasi abakhulu beMamelodi Sundowns bakwaHyundai benikeza abadlali baqembu labesifazane izimoto ezintsha ceke.
Akugcinanga lapho nangesikhathi leli qembu lethula amajezi alo amasha alibashiyanga ngaphandle
abadlali beqembu labesifazane ngoba belikhona nelabo.
Empeleni nje akukho okwenziwa yileli qembu likwenzela abafana namantombazane ngoba ngisho izimpahla zokugqoka ziyafana, ngisho inkundla abazilolonga kuyona iyafana.
NgoMsombuluko leli qembu ngesikhathi lilungiselela ukuhamba liphikelele eThekwini, umengameli
walo ubekhona ezovalelisa futhi ezowafisela okuhle kodwa amantombazane.
Konke lokhu sikubona ezinkundleni zokuxhumana zalo leli qembu konke likuveza obala. Cha kuyajabulisa konke engikubonayo.
Yingakho kungangimangazi uma ngibona bonke abadlali bethu bebuya phesheya kwezilwandle besayine kuleli qembu ngoba izinto ziphethwe ngendlela esezingeni eliphezulu.
URhoda Mulaudzi noBambanani Mbane bangabanye abasayinwe iSundowns bebuya phesheya kwezilwandle.
Nemiphumela iyabonakala enkundleni ngoba leli qembu lihlezi phezulu futhi alikadliwa ngemuva kwemidlalo eyishumi nambili.
FUNDA NAL: Iphinde yabashiya bedumele abalandeli bePirates ipaquziswa yiGallants
Angazi kungani kunzima kwamanye amaqembu ukuthi basungule amaqembu abesifazane ngaphansi kwezinhlaka zawo ukuze lizokhula ibhola labesifazane ngoba iSundowns isikhombisile ukuthi kuyenzeka.
Ngikhathazekile ngeBloemfontein Ladies ngoba Ilona iqembu ebelilandela iSundowns ezithendeni, kodwa njengoba selidayisiwe iqembu labesilisa alisacaci iikusasa lamantombazane.
Kukho konke okuhle okwenziwa iSundowns ebholeni labesfazane kunye nje vo okungakangicaceli kahle, ukuthi ngabe bawakhokhela ngendlela efanele yini amantombazane ngoba phela siyazi ukuthi abesilisa bayikha ngamafosholo imali.
