Ngiphoxekile ngendlela esidlale ngayo neChippa, kusho uTembo

Sihle Ndlovu

Uzwakalise ukuphoxeka okukhulu ngendlela abadlale ngayo umqeqeshi weSuperSport United, uKaitano Tembo, ngesikhathi bebhekene neChippa United ngoLwesithathu ebusuku.

Amatsatsantsa a Pitori abambane neChilli Boys ngo 2-2 emdlalweni weDStv Premiership, eLucas Moripe Stadium, ePitoli. Kusobala ukuthi okudumaze uTembo ukuthi bawuqale kahle umdlalo kodwa bahluleka ukuthola igoli kuqala.

Empeleni ezikaDan Malesela ezithole igoli kuqala ngonyawo luka-Andile Mbenyane ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini. Elinye igoli leChippa lishaywe uMaloisane Mokhele sekuzophela umdlalo.

“Besingashaya amagoli amathathu emizuzwini emihlanu yokuqala. Nokho sibuye sashintsha indlela ebesidlala ngayo nokwenze ukuthi iChippa ivuke emaqandeni. Sibanike ithuba elikhulu lokudlala ibhola, ngokungazivali izikhala,” kusho uTembo.

ISuperSport ibuye yaba ngcono ngesiwombe sesibili, uBradley Grobler noThamsanqa Gabuza bathola amagoli ayenze yahamba phambili umdlalo usuya ngasemaphethelweni. Nokho ibuye yenza elinye iphutha yadedela igoli yagcina idedele namaphuzu amabili.

“Sizamile ukuba ngcono ngesiwombe sesibili nokwenze sashaya amagoli amabili. Kodwa nakhona besingadlali ngendlela esiyijwayele. Besifike sidlale kahle siphinde silehlise izinga. Ngiphoxeke kakhulu ngendlela esidlale ngayo namuhla. Ngeke ngithi yingoba sike saba nekhefu elincane,” kugcizelela uTembo.

Ebuzwa ngokukhipha kwakhe uSipho Mbule maphakathi nesiwombe sesibili, uthe ubengagculisekile ngendlela abedlala ngayo.

“Silindele ukuthi ahlale esebholeni isikhathi esiningi. Angenza kangcono kakhulu kunalokhu akwenze namuhla. Ungumdlali onekhono kodwa namuhla angikhumbuli nakanye ekhahlelela ipali. Ngihlale ngilindele lukhulu kuyena,” kusho uTembo othe akumjabulisi ukudedela amagoli yize kukuhle ukuthi bayawashaya.

Meyelana nendlela adlala ngayo uGrobler uthe: “Wenza kahle kakhulu futhi siyazama ngakho konke ukubheka isimo sokuthi angahlali elimele. Siyazi ungumdlali ophambili, futhi uyawashaya amagoli. Nokho ngilindele ukuthi nabanye abadlali balekelele ekushayeni amagoli njengoba enzile uGabuza emidlaweni emibili edlule. UMahachi (Kudakwashe) noMbule nabo kungakuhle bawathole amagoli.”