Ngiyakholwa ukuthi iSundowns iyashayeka: Ramagalela

Sihle Ndlovu

Uvuma eyokuthi bakhathazekile kakhulu eqenjini umgadli weBlack Leopards, uRodney Ramagalela.

Izinto aziyihambeli kahle iLidoda Duvha njengoba iyibambe endaweni yesibili ukusuka emsileni kwi-log yeDStv Premiership. Lokhu sekwenze kwaxoshwa obengumqeqeshi wayo uDylen Kerr.

URamagalela, ongomunye wabadlali abanamava kwiLeopards, uthe sibi impela isimo abazithola bekusona.

“Sikhathazeke kakhulu. Iyaphoxa kakhulu indlela esidedela ngayo amaphuzu. Ngikholwa ukuthi yiphutha lethu sonke njengeqembu,futhi yinto okumele siyilungise ngokukhulu ukushesha. Uma ngibuka indlela ebesisebenza ngayo ezinsukwini ezimbili ezidlule, ngethemba ukuthi sizothola umphumela omuhle ngoLwesithathu,” kusho uRamagalela.

Ebuzwa ukuthi kuzobaphazamisa kanganani ukuhamba komqeqeshi, uthe kumele bazibambe ziqine.

“Abaqeqeshi bayafika babuye bahambe. IBlack Leopards inkulu kunawo wonke umuntu okhona eqenjini. Kulowo ozobe ebambe izintambo…ngikholwa ukuthi wonke umuntu kumele eseke umqeqeshi ozobe ecija iqembu. Kumele senze lokho okulindeleke kithina, siqinisekise ukuthi senza kahle enkundleni,” kuqhuba lo mgadli.

ILeopards inomdlalo onzima ngoLwesithathu lapho izobhekana neMamelodi Sundowns eThohoyandou Stadium, ngo-5 ntambama.

“Umdlalo onzima. Kodwa wonke amaqembu akhona kwiPSL ayashayeka. Ngiyakholwa ukuthi nayo iSundowns iyashayeka.

“Badlala kahle. Bayiqembu elihle elinabadlali abasezingeni eliphezulu kuleli. Ngikholwa ukuthi kulele kithina njengabadlali ukuthi siwufuna kangakanani umdlalo. Ngikholwa ukuthi uma singasebenza kanzima sisizane njengabadlali, kungenzeka noma yini,” kubeka uRamagalela owake wadlalela iSundowns.

Uthe abalandeli kumele bazi ukuthi kukho konke okwenzekayo eqenjini bakanye nabo.

“Akubona bodwa abamincile. Nathi sinengcindezi enkulu futhi ngikholwa ukuthi sizosishintsha isimo. Sizobe senzela bona ngoba noma bengekho ezinkundleni kodwa imilayezo abayithumelayo isho lukhulu,” kuphetha uRamagalela.

Ukuwina kweLeopards ngoLwesithathu kungase kuyisuse endaweni yesibili emsileni, igxumele kunombolo 11, uma eminye imiphumela iyivuna.

Leave a Reply

Your email address will not be published.