Ngiyaxolisa maBhakabhaka: Innocent Maela

Sihle Ndlovu

U-Innocent Maela odlala emuva kwi-Orlando Pirates ube nomdlalo omubi kakhulu bebhekene neBlack Leopards ngeSonto.

Lo mdlali ushaye igoli ngasekhaya ngesikhathi beshaywa yiLidoda Duvha ngo 2-0 eThohoyandou Stadium emdlalweni weDStv Premiership. Kungena igoli nje uMaela uyena obebange ikhona, kanti nalapho ubecishe walishaya ngasekhaya kodwa lashaya epalini laphumela ngaphandle.

Abalandeli bebhola abaningi baseNingizimu Afrika bayenze ihlaya le nto eyenziwe uMaela. Abanye bebethi ubelifuna ngempela igoli ukuthi lingene ngakubo ngoba uqale waligeja ngekhanda kwaba yikhona kodwa akuphelanga nomzuzu walingqofela phakathi.

UMaela, okumele ukuthi akabuthanga quthu ecabanga lesi sehlo, uzehlisile waxolisa ngoMsombuluko.

“Wumdlalo ophoxayo wayizolo, asenzanga okwanele. Ngiyawavuma amaphutha ami nendlela engenze ngayo kuze kungena igoli lokuqala. Ngiyaxolisa maBhakabhaka. Sithembisa ukuba ngcono,” kubhala uMaela kuTwitter wakhe.

IPirates izobheka ukwenza kangcono uma isibhekene neLamontville Golden Arrows koweDStv Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesithathu ngo-5 ntambama.

Leave a Reply

Your email address will not be published.