Ngizizwa nginethezekile ‘ekhaya’ kwiPSG: Neymar

UNeymar weParis Saint-Germain

SIHLE NDLOVU

Umdlali weParis Saint-Germain (PSG) uNeymar usegcizelele ukuthi indaba yokuvuselela inkontileka kulabo mpetha beLigue 1, akumele nakancane kukhathezekwe ngayo.

I-PSG yaqopha umlando ngo-2017 ngesikhathi ikhokha 222 million euros ithenga uNeymar kwiBarcelona egijima kwiLa Liga yaseSpain. Lo mdlali waseBrazil usewine izicoco zeligi ezintathu, iFrench Cup kabili, kanti ubeyingxenye yeqembu elifinyelele kowamanqamu we-Uefa Champions League ngo-2020.

Inkontileka kaNeymar, oneminyaka engu-29, izophela ngoJuni wonyaka ozayo kodwa lo mdlali ubiza iPSG ngekhaya lakhe.

“Angicabangi ukuthi yinto okumele kulokhu kukhulunywa ngayo lena manje. Ngizizwa nginethezekile ekhaya kwiPSG,” kusho uNeymar ekhuluma neTNT Sports Brazil ngoLwesibili.

“Ngizizwa ngijabule kakhulu kunakuqala.”

Umengameli wePSG, uNasser al-Khelaifi, uthe uNeymar nomdlali waphambili uKylian Mbappe, naye inkontileka yakhe ephela ngoJuni ngonyaka ozayo, “abanaso isizathu sokushiya iqembu.”

“Ngicabanga ukuthi ngonyaka ozayo uNeymar uzobe ekwiParis Saint-Germain futhi uzohlala lapha isikhathi eside,” kusho u-Al-Khelaifi kwiSky Sports.

I-PSG idlulele kowandulela owamanqamu weChampions League yize ishaywe yiBayern Munich ngo 1-0 ekhaya ngoLwesibili. Idlulele phambili ngo 3-3 (ishaye amagoli amabili ekuhambeni) sekuhlanganiswe imilenze emibili.

Leli qembu lizobhekana nozowina phakathi kweDortmund, yaseGermany, neManchester City, yase-England. Emlenzeni wokuqala kuwine iManchester City ngo 2-1 ekhaya, kanti umlenze wesibili useGermany ngoLwesithathu.

Komunye umdlalo odlalweni ngoLwesibili iChelsea FC idlulele kowandulela owamanqamu yize ishaywe yiFC Porto ngo 1-0. Emlenzeni wokuqala iChelsea ishaye amagoli amabili nokuchaza ukuthi igcine iwine ngo 2-1 sekuhlanganiswe imilenze yomibili.

IChelsea seyilinde iqembu elizowina phakathi kweLiverpool FC neReal Madrid. Emlenzeni wokuqala kuwine iMadrid ngo 3-1 idlalela ekhaya. La maqembu azophinde ahlangane emlenzeni wesibili e-England ngoLwesithathu.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.