Ngizizwa ngiwumqemane, kusho ‘ikhehla’ leRoyal AM u-Elias Pelembe

Ngizizwa ngiwumqemane, kusho 'ikhehla' leRoyal AM
Ngu-Elias Pelembe weRoyal AM

 

 

U-Elias Pelembe ogijima kwiRoyal AM uthi uzoqhubeka nokudlala ibhola inqobo nje uma umzimba wakhe usamvumela.

Lo mdlali waseMozambique oneminyaka engu-38, usayibamba kucace esiswini futhi ubevelele bebhekene nomkhaya iGolden Arrows ngolwesibili.

Kule minyaka akuyo, u-Elias Pelembe usethathwa njengekhela ebholeni lakuleli yize yena ezizwa esewumqemane.

Uqokwe njengomdlali ovelele ngesikhathi iThwihli Thwahla ishaya i-Arrows ngo 3-1 kulo mdlalo weDStv Premiership.

UPelembe udlale kahle kakhulu kulo mdlalo njengoba kunguye okhande amabili kulamagoli amathathu ashaywe yiRoyal AM.

“Ngenza lokhu engikutshelwa abaqeqeshi futhi ngiyabonga kakhulu ngokunikwa ithuba,” kusho lo mdlali ohlale iminyaka eyisithupha kwiMamelodi Sundowns.

FUNDA NALA: Akasahlalisekile uDan Malesela kwiMarumo Gallants

“Ngizizwa ngiwumqemane, iminyaka yizinombolo nje. Ngisenothando nokuzimisela ngakho ngizokwenza konke okusemandleni uma nginikwa ithuba lokudlala.

“Kumele ngizigcine ngiwumqemane ngokomzimba nje kuphela. Ngisakuthanda ukudlala futhi le nto engiyenzayo ngiyizwa ngaphakathi. Ngihlale njalo ngifuna ukwenza kahle.”

UPelembe usedlale amasizini angu-15 kwiligi yaseNingizimu Afrika. Phakathi kwamaqembu aseke wagijima kuwona kukhona iSundowns, iSuperSport United, iBidvest Wits nePolokwane City.

Sdina Ngubo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *