Ngizoqhubeka nokushaya amagoli, okunye kuzozizela – uShalulile

UPeter Shalulile
Sihle Ndlovu

Umgadli weMamelodi Sundowns, uPeter Shalulile, uthi yena ufuna ukuqhubeka nokushaya amagoli okunye sekuyozenzakalela kona.

Ukhuluma kanjena nje uShalulile uphule irekhodi lamagoli angu-20, leminyaka eyishumi likaSiyabonga “Bhele” Nomvethe. Wenze lokhu ngesikhathi eshaya amagoli amathathu bebhudluza iLamontville Golden Arrows ngo 6-0 emdlalweni weDStv Premiership, ngoLwesibili.

“Okokuqala ngifuna ukubonga ozakwethu nethimba lethu labaqeqeshi. I-Arrows akulona iqembu okulula ukulishaya kodwa sishaye into ecokeme sathola amagoli ayisithupha,” kusho uShalulile ngemuva komdlalo.

Lo mgadli, oqokwe njengoshaye into ecokeme osukwini, ubukeke ebhocobele ngemuva kokukhishwa eseshaye amagoli amathathu. Uchazile ukuthi yini ebisemqondweni wakhe.

“Ukukhuluma iqiniso injabulo yami ibizoba nkulu kakhulu ukube uThemba Zwane ulishayile igoli. Ngokwami uyena umdlali wosuku ngoba ungisize ngashaya igoli futhi ubedlala ibhola eliphezulu namuhla,” kusho lo mgadli waseNamibia.

“Ngesikhathi ngihleli ebhentshini ngibuka ozakwethu ukuthi badlala kanjani, bekuyinto emnandi ukuyibuka. Ukuzwana nokuba abanewethu okukhona eqenjini iyona into engiyithanda kakhulu.”

UShalulile usenamagoli angu-21 kanti usedinga amane kuphela ukuze afice irekhodi likaCollins Mbesuma lamagoli angu-25. Ngabe ucabangani ngalokhu?

“Ngihlale ngisho kubantu ukuthi okubalulekile kimina ukubona iqembu lenza kahle kuqala, okunye sekuyozenzekalela.

“Uma usebenza kanzima akukho okungeke kwenzeke, yingakho nje ngilokhu ngiqhubeka nokushaya amagoli. Kubalandeli bethu ngiyabonga kakhulu ukuthi nifikile.”

ISundowns nayo ingase iphule irekhodi layo lamaphuzu angu-71 ngesizini njengoba isinangu-57, kanti kusasele imidlalo emihlanu.

“Amarekhodi akhona ukuze ephulwe. Sonke silapha ukuze siwephule futhi nakulo nyaka kungenzeka siphule elinye,” kusho uShalulile.

“Into engifuna ukuyenza nje mina ukushaya amanye amagoli bese ngiwine izindebe neqembu lami.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.