‘Ngizothola ukuthi inkinga beyikuphi,’ kusho uMalesela weChippa evele yazithela ngabandayo ishaywa yiSundowns

USizwe Mdlinzo weChippa United ebanga ibhola no-Andile Jali weMamelodi Sundowns emdlalweni wangeSonto

OKADONGA GUMBI

Usola ukuthi kunenkinga enkulu ekhona eqenjini lakhe uDaniel “Dance” Malesela othi uqale wathuswa indlela abebengenamdlandla ngayo abadlali bakhe ngaphambi komdlalo wabo weDStv Premiership abahlulwe kuwo yiMamelodi Sundowns ngo 2-0 ngeSonto.

IChippa United ayibanga yileli qembu eyaziwa iyilo elilwayo futhi lisho ukuwaqumba phansi amaqembu amakhulu njengoba ivele yazithela ngabandayo nje kwiSundowns.

UMalesela ucabange ukuthi mhlawumbe abafana abancane abeqale ngabo esiswini nasemuva, o-Asavela Cezu noGregory Damons basindwa wumdlalo wabakhipha maphakathi nesiwombe sokuqala kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

“Bebengalimele. Besizama ukubona ukuthi singaliqinisa kanjani iqembu. Sizame ukufaka abantu asebeqinile ukubona ukuthi ngeke yini bawenze umehluko ngoba besibona abadlali abathile engathi bethukile, abayona lento esibazi beyiyo. Bengithi ushintsho luzoguqula izinto,” kuchaza uMalesela.

IChippa seyidlale imidlalo eyishumi ekuhambeni kusukela ngoNovemba nyakenye kanti lokhu kuhambisana nokujikajika ngebhanoyi nangamabhasi beya ezindaweni ezehlukene okubalwa oVenda, Bloemfontein naseKapa, futhi kungenzeka lokhu kube nomthelela.

“Ngeke ngithi ukukhathala. Kungenzeka kube yinkinga ehambisana nokusebenza kwengqondo ngenxa yokuthi sesiyasonga (ukudlala ekuhambeni), sizothola ukuthi inkinga ikuphi.

“Kumele sikhohlwe yilo mdlalo. Kodwa ngaphambi kwalokho kunezinto engizibonile okumele sixoxe ngazo nabadlali ukuze sithole umsuka wayo yonke lento.

“Phela akukwazi ukuthi leli yiqembu elilodwa naleli ebelidlala neBlack Leopards neSwallows… Ngisho nangesikhathi sigqoka ngaphambi komdlalo, abadlali bebethule ngendlela engajwayelike,” kusho uMalesela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *