ObekwiDowns ubongile yize ehambe sekumuncu

UKermit Erasmus we-Orlando Pirates

 

Sdina Ngubo

Yize ehambe sekumuncu kwiMamelodi Sundowns uKermit  Erasmus kodwa ubongile ngakho konke leli qembu elimenzele kona  ngesikhathi asihlale kulona.

Lo  mgadli  kulale kukhulunywa ngaye ngoLwesihlanu ngemuva kokuthi esayine inkontileka yeminyaka emibili  ne-Orlando Pirates, okuyiqembu ake alidlalela phambilini.

“Kusihlalo waMasandawana nomndeni wonke wakwaMotsepe ngiyabonga kakhulu ngeminyaka emihle engiyihlalile eqenjini elikhulu kangaka likanobhutshuzwayo,” kusho u-Erasmus  kwiTwitter yakhe.

“Ukuba wumndeni yikona okwakha leli qembu, kanjalo nenhlonipho nokuzithoba. Kubaqeqeshi  ngiyabonga kakhulu ukusebenzisana nani. Kozakwethu ebesidlala nabo ngizonikhumbula…”

U-Erasmus uzithole enenkinga kwiSundowns njengoba ebekhuhla ibhentshi. Kule sizini  ubengakaze alithinte ibhola kanti ugcine engasajimi naneqembu ngokwemibiko. IBucs  abuyele kuyona uyishiye enerekhodi elihle ngo-2016 eyozama inhlanhla eFrance. Udlale imidlalo engu-80 kwiPirates washaya amagoli angu-21.

Akwaziwa noma u-Erasmus uzobe esekulungele yini ukudlala uma iPirates seyitholana phezulu neSundowns emdlalweni womlenze wokuqala kowandulela owamanqamu weMTN8 ngo-Okthoba 1.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *