Ochithwe yiSundowns usesayine kuMaZulu

UGeorge Maluleka
Sihle Ndlovu

UGeorge Maluleka, osanda kushiya kwiMamelodi Sundowns, usezitholele ikhaya elisha ngaphambi kokuqala kwesizini entsha yeDStv Premiership.

Inkontileka kaMaluleka, oke wadlalela iKaizer Chiefs ngaphambi kokujoyina iSundowns, ayivuselelwanga eChloorkop. Nokho uselitholile ikhaya elisha njengoba esesayine kuMaZulu FC.

Umengameli woSuthu, uSandile Zungu, usekuqinisekisile ukuthi uMaluleka usayine inkontileka yeminyaka emibili enombandela wokuthi ayivuselele ngonyaka owodwa.

UMaluleka akakutholanga kulula ukudlala kwiSundowns njengoba edlale imidlalo engu-19 kumasizini amabili awahlale khona. Kulokhu ubehlekwa kakhulu abalandeli beChiefs abangathandanga ngesikhathi eshiya eNaturena sekuzophela isizini.

Banenkolelo yokuthi isizathu sokulandwa kukaMaluleka kwiChiefs ngowayengumqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, kwakuwukuphazamisa Amakhosi ukuthi angasithathi isicoco seligi. IChiefs yahluleka ekugcineni ukuwina iligi yize yase ihlale esongweni isikhathi eside.

KuSuthu uMaluleka uzofica abanye abadlali ake wayibamba nabo kwiChiefs abafana noPhilani Zulu noKgotso Moleko.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.