Odedelwe yiPirates uzimisele ngokukhuphula iSekhukhune

UTshegofatso Mabasa weSekhukhune
Sihle Ndlovu

UTshegofatso Mabasa, ochithwe yi-Orlando Pirates, uthi uzosebenza kanzima ukusiza iqembu lakhe elisha iSekhukhune United.

Lo mdlali ungomunye walabo abethulwe yileli qembu ngoLwesibili njengoba lizama ukulungiselela isizini entsha. Abanye abethulwe noMabasa uDewin Farmer, u-Abdenigo Mosiatlhaga, uLinda Mntambo u-Elias Mokwana noTshepo Mokhabi.

“Kuyangijabulisa kakhulu ukuba yingxenye yaleli qembu elikhulayo. Into abangayilindela abalandeli kimina ukuzinikela,” kusho uMabasa.

“Okunye abangakubheka ukuthi ngishaye amagoli kodwa okubaleleke kakhulu kimina ukujabulela ukudlala ibhola futhi. Ngiyabonga kusihlalo ngethuba anginike lona.

“Ngimukelwe kahle kakhulu abanye abadlali nethimba labaqeqeshi. Okungalindelwa abalandeli kule sizini ezoqala ukuthi sishintshe ukushaywa kube amawini. Sifuna ukuwina imidlalo eminingi kule sizini bese sizama ukuqeda endaweni ephezulu kwilogi.”

UMabasa noMntambo abanye babadlali abadedelwe yiPirates njengoba kade isanda kusayinisa abasha. Abanye babo bazobolekiswa kanti abanye sekuphele nya obekubahlanganise neZimnyama.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.